[zulu, Inkondlo] Inyanga Ka Ntulikazi Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Inyanga Ka Ntulikazi

Rating: 2.7


Kunge lesingakhi lona ihora lapho ukuhlwa
Kupheza khona ukuphupha ngokukhanya kwasemini
Ize ibuye nini inhliziyo ekuzuleni kwayo
Ukuze ingqondo ishaye umthetho oqondisayo
Luze luxole nini uthando luzixolela lona
Ukuze lubone kahle ukuthi ithemba
Yigolide lezi wula
Njengoba uthingo-lwenkosazane lungumgwaqo wazo
Ukube bekunge khona okwa lezi zithombe ezimi balabala
Esazi thwebulayo
Futhi kungekhona okwale micabango yabanye abantu
Ngabe ngithi, konke kwaku yiphupho nje
Uthando siqabukana, ayikho ke leyonto!
Isoka elingena sici, ayikho ke leyonto!
Kwaku maphakathi no Ntulikazi?
Ziyayidliva ezika Zibandlela (izimvula)
Zigcwalisa imisele yasendulo ye Tafulakazi*
Imimoya ecothozayo isika idlule ethanjeni
Iyofinyelela em’nkantsheni ngenkemba ecijile
Yamazinga-okushisa
Ngicabanga iqhwa liwa ngaphezu kwe Fuji*
Amahora angu 36 ukusuka onyaweni lweTafula*
Ngizizwa ngifana ne ntaba!
Ngiphuphe ngawe izolo
Udlala imidlalo yezinsuku zobuwula
Leso Sandla esenza izimbali zaqhakaza
Senza ubuso bakho babenyezela kakhudlwana
Mina sangenza, Awu-phela mina!
Iliso lokuhalalisela!
Kubathatha esingakanani isikhathi
Abanye abantu ukuthi bathi:
Mhlawumbe kwakungadalelwe, singadalelwene
Kuthi lapho sebekushilo lokhu bese iyama yini
Inhliziyo ukushaya
Noma ingqondo, ukucabanga ngenyanga ka Ntulikazi

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success