Incwadi Yothando
INCWADI YOTHANDO
MTAKWETHU! !
Ngithe angithathe leli thuba, ngibhale lencwadi, ngikudlulisele ngendlela engizizwa ngayo ngawe.
Ngibhala lencwadi! !
Ngicela uzinike ithuba nes'neke, ulalele nawa amazwi ami, asuka ekujuleni kwenhliziyo yami. Ngixolise uma kuyiphutha ukuhluleka ukubekezela. Ngithi angikubhalele lencwadi, kwazise sesiside nes'khathi ngihleli ngidliwa umzwangedwa.
Selokhu ngagqolozela iMpumalanga neNtshonalanga, ngilinde ukuphuma kwelanga, kanjalo nokushona kwalo, empeleni bengithi kuzofika wena empilweni yami, ngazi ngani mhlampe wena ungumafika kushona ilanga. Ufikile kimi ngamaphupho, ukhophozela sibizana ngaboBbe, lapho ngizwa kuhlasimula igazi umzimba wonke.
Phela wena uyilembali eqhakaza ingabuni, maqede ibonwe izizwe zonke ubuhle bayo, akugcini lapho, ziphinde ziyinabele zifise nokuyikha. Wena uyilento engithi mangiyicabanga inhliziyo yami ishaye ngamandla, amadolo wami agcwale amanzi, ubuso bami bugobhoze izinyembezi, okucacayo nje ukuthi ezenjabulo nothando enginalo ngawe.
Ubuhle bakho bushiya wonke umuntu ecabanga kaningi, phela wena uyileNtokazi enesizotha phakathi, esingabuzwa kodwa esibonakala ebusweni. Ngiyak'thembisa! angeke wezwa ubuhlungu mhla waba nami empilweni yakho. intokozo yakho nenjabulo yakho ngizokuphatha ngezandla zombili njengengane encane mayiphethwe unina. Phela wena awuhlukile neqanda lapha kimi, lona elidinga ukuhlonishwa ubulona, ngoba lingachoboka ngephuthana nje.
Ngiyazi! Angikaze ngibe nawe, sihlale phansi, siludingide, sibonisane ngaloludaba, kodwa kwelikude, lapho wena ungazi khona, siyazithamunda ngikubone nangamehlo engqondo, phela ngisho ekujuleni kwengqondo yami, lapho wena ungeke ufinyelele khona.
Bheka nje; usungena emagcekeni akithi, kukikiza omama, izintombi zisho ngamazwi azo abushelelezi, izinsizwa nobaba kugiya, bonke labantu bejabulela ukungena kwakho. Ngathi sengiyabona, usunyathela emagcekeni akithi, kwazise phela wena unyathela ngabantwana bezitho.
Yhoo! Sekuyangicacela; phela mina angiphelele uma wena ungenami, ukuba khona kwakho empilweni yami kobe sekuphelele konke lapha kimi, angithi nje; kobe sekufezekile okufiswa abazali bami. Uzohlale ungothandiweyo lapha kimi.
Ngicela usale sewenzela amathongo akithi, ngisho laba nami engibezwa ngendaba lah engivela khona, unginike nje ithuba, ngibe nawe isikhathi esincane empilweni yami, ngiyazi! lesi esiningi sizokhandwa nguwena, ngenxa yemfudumalo nempatho ozoyithola lapha kimi.
Mangingathi kuwe; angeke wazisola ngokunginika ithuba, ubani ongangiphikisa? Themba mina, mina ngizobe sengenza noma yini engakwenza uhlale ujabule. Sale usukhohlwa ubuhlungu osudlule kubo, Ngethembe! izinyembezi ozikhalile ngizozesula ngenkulu intokozo. Okwakho nje, nginika ithuba ngibe yilunga lempilo yakho.
S'phalaphala seNtokazi, uzohlezi ungothandiweyo lapha kimi. Ngiyethemba lencwadi izoyithola indawo nakweyakho inhliziyo.
By Mavinistor da Dust