O mntakwethu kwathi uma ngiphaphama
Ngaphaphamela phezu kwezinkondlo zakho
Ngavukela phezu kwezingoma zakho ezimakhulukhulu
Ngaze ngantathatheka ngaze ngezwa umoya
Umoya owawugijima ugijima njengawe
Wena wagijima ngemikhondo engemisebe yelanga
Kwaze kwababaza uHhemu ethi, "Yini leyaya ?"
Esho ebona umbani osuka emehlweni akho
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem