Konakel' emsamu
impela konakel' emsamu
sekuyoze kukhal' imimese nezibhamu
ukuze nokhani niwunak' umsamu
bayabuz' abadala
ningagcagca kanjani bengagcagcile
senizibona nibadala kubo?
manje ngoba nakhu senikhulile?
anisasiboni yin' isidingo
sokuthi nibahloniphe?
impela lana kini kulele kunye
ukube kubili ngabe kuyavusana
sengidabukela wena Syethemba
ojeziselw' amacal' ongawenzanga
oh! hhe ngiyakuzwela Syethemba
ngokuthwal' ijok' ongazethwesanga
usubhacwe ngobend' inyam' ungayidlile
buka nje manje kuzozonk' izint' ozenzile
impumelel' ayibonwa
usuthwel' isiqalekiso sabadala
sekunguwen' ophethe zonk' izinto zabadala
nezibongo zikubangis' okwezinja zilwel' ithambo
ngoba zinhlaka zonke zifun' umthamo
impela konakel' emsamu
zonk' izint' ezimbi
zenzeka kuwena
kuvele kushanelwe kungachithwa zibi
beth' ingoba zilandele wena
bona basaqhubeka nezimpilo zabo
futhi zisabahambela kahle nezinto zabo
wen' ezakho zibucikociko
azihambi ngendlel' efunekayo
ngoba nempilo yakh' imagwincigwinci
ayihambi ngendlel' elindelekeyo
sekusobal' ukuthi sekuzolandela wena
ngoba sekuqalile nje kubonakala lokho
njengoba sebekumucile zonk' izinto zakho
wahamba nabang' elide ngezinyawo zakho
wavele wababuthaka nase mpilweni yakho
kutshengisa ngokusobala
impela konakel' emsamu
amadloz' abaxwayisa zisuka
kodwa bakushay' indiva lokho
abadala bababonis' indlela ngokuthula
kodwa bona bangawulandel' umgomo
ngoba nakh' izinto zisabahambela kahle
ngoba nakh' izingane zabo zisafunda kahle
ngoba nakhu nenkampan' iseza kahle
kodw' abadala ngek' ubabalekele
ngob' uma sebeziveza kuyacaca
bheka kumanj' izimoto zife zonke
imisebenz' inyamalele yonke
ngisho nemal' ayisekho yonke
konakel' emsamu
Syethemba siyothi sesihamba phezukwakho
yila bona beyoqaqeka kahle khona
yilapho zonk' izinto ziyobe sezibheda khona
selingekho nehawu lokuvika kudingeka bona
ingcebo yona ngek' isabakhona
yilapho beyoqala khona befis' ukwenza
kub' ukuthi kobe sekundlule son' isikhathi
kodwa vel' isalakutshelwa sibona ngomopho
impela konakel' emsamu
By: Syethemba Dizzmar Thwala
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem