Mpumelelo Mpumelel
Ngyalizwa igalela lakho lokuphucula abadla imbuya ngothi
Ngizwa bathi baningi osubasizile, izimpilo zabo zishintshile
Ngizwa bakuncoma ngapha nangapha njengomnani olungile
Kimi ufika nini kade ngikulindile?
Ebengilinde nabo bonke bangishiyile ngisele nethemba-
kphela kwanalo ngyasola lizogcina lihambile
Mpumelelo Mpumelelo
Ngizwa kuthiwa kunendlela eza kuwe, kodwa akekho ofuna-Ukuchaza ngayo, kanti abanye bathi kukhona ukhiye wakho
Woza asxoxe njengamadoda, ngichazele ukhetha abanjani?
Ngizwa bathi awukhethi bala pho kungani mina ungikhipha inyumbazane? , Mpumelelo woza skhulume asxoxe njengamadoda woza, skhulume
Wenzenjani ngamaqhawe usiba aluphonsa ethala engazange
Aziphilisa, ngesphiwo sawo sokuloba izinkondlo ngoba
Kwathiwa ziyaphilisa, kanjani abazibhalayo
Bengaphili, ngazo, impela ukuwa kwenye indlu ukuvuka-
kwenye indlu woza sxoxe njengamadoda
Mpumelelo Mpumelelo
Ngiphendule ndoda, Impumelelo iye yangiphendula
Ingiphendule, ngezithelo yathi buka wena sukuliphi izinga
Baningi abafisa, ukufika lapha okhona okudala ukuthi ningangiboni Ngisho sengifikile, ukuthi niziqhathanisa nabantu
Kanti mina ngifana nokufa ngifika ngezindlela ezingafani
Spha Imbongi Ayishaywa
0636540962
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem