QINISANI UTHANDO! Poem by Gcina Mhlophe

QINISANI UTHANDO!



Qinisani MaAfrika!
Qinisani uthando
Aluqine uthando luthi ngqi!

Ukhisimusi awusho lutho
Uma singathandani, singazwelani

Abanye balala bengadlile
Abanye bakhomba ngophakathi

Abanye sebashonelwa ngabazali
Abanye bayabathuka, bayabazonda

Ingabe sokhula kanjani ma kunje
Sokhula kanjani na?

Ingabe sophumelela kanjani
Ma singahloniphi?

Sozithola phi na izibusiso
Ma singenayo inkuthalo nokubambisana?

Sophila kanjani uma singenabuntu
Futhi singathandani?

Qinisani MaAfrika!
Qinisani uthando nokuzwana
Qinisani uthando maAfrika!

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success