Ngagqigqa izinkalo ngifuna wena,
Ngadabula amathafa ngenyuk' imimango,
Angizange ngaphela amandla...
Konke ebengikufuna ukukunika khona,
Yilokho okungishisa enhliziyweni yami,
Ngisho lokhu okukade kwangishisa,
Kepha wena ungabon' amehlo evalekile,
Bengifika ekuseni ngifika emini nantambama,
Ngingayizwa nendlela ebengiyihamba,
Ngoba benginentshisekelo ngothando,
Keph' izithukuthuku zami zaphelela,
Oboyeni okwezithukuthuku zehhashi lomjaho,
Zinginethile izimvula zehlobo ziphelela kimi,
Ishaya iphambana imibani yezulu,
Kepha inhliziyo ibilokhu ingiphushe njalo,
Bengifika balandule ngingakutholi,
Ngibuyele emuva ngilambath' okomama bomqhoyiso,
Inhliziyo ishayekile ekujuleni ijabhile,
Nginqume ukuthi sobe ngiphinde,
Kodwa ngoba inhliziyo kayiphakelwa kwale,
Angithi phela uma ifuna lokho ekufunayo,
Kayibheki mzimba nakusokola kodwa yona uqobo,
Ungethembisil' iminyaka ngalinda,
Yadlula angaze ngagoba uphundo ngaphikelela,
Nakuba ubungilindise ngomunye,
Kepha inhliziyo ibilokhu ikufune njalo,
Ngadumala lapho ngifika kuwe zinginethile,
Ngimayoywana ezehlobo zisine zazibethela kimi,
Kepha wangitshena ukuthi kaluhlangani,
Mtanomuntu ubusulweluke iminyaka nami ngethemba,
Ngethembile ngoba ubungethembisa ngahlal' ethembeni,
Nenhliziyo yathokoza ukuthi cha ngempela buzoba bubili,
Angithi phela bobuzoba bubili yimi nawe,
Njengokusho kwabadala ukuthi obuhle buhamba ngabubili,
Ngaphuma kuwe nakuba kwakunzima,
Ngaxolisa inhliziyo ngayalala ngenxeba,
zahamba izinsuku zixoshana zakh' isonto,
Nawo amasonto axoshana akha inyanga,
Ngakhohlwa ngaxola ngalibala nguwe,
Nawe awaze washintsha ukucabanga ngami,
Wabambelela lapho ukuthi ucu kaluhlangani,
Ngamthola omunye nakuba ehlukile kuwe,
Kepha okuhle nothando unginikile ngenela,
Ngimnikile isikhathi nenhlonipho ngamthanda,
Ungithandile wathobeka wethembeka...
Namhlanje zikuxakile phambile okomvundla,
Usubuyela emuva nocu lwakho lungasaphelele,
Ngiyaxolisa ukusho "ngeke lusahlangana"
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem