Nkosazane
Yiba ngozothile ozihloniphayo,
Nami ngiyoba yiqhathanzipho uqobo.
...
Mpumelelo Mpumelel
Ngyalizwa igalela lakho lokuphucula abadla imbuya ngothi
Ngizwa bathi baningi osubasizile, izimpilo zabo zishintshile
...
Bantu abadala
Ngifisa nazi ukuthi anginqabile mina ngyafisa ukwenza konke enikufunayo
Nami sengikhathele ukushayela izandla abaphumelelayo sengifuna ukuphila
...
u SPha imbongi ayishaywa ngusonkondlo Ozalwa EBhambanana, osakhulayo. Ngibhala izinkondlo Ezisondelene kakhulu nempilo nezinto ezenzakalayo emhlabeni ezithinta abantu.)
Nkosazane
Nkosazane
Yiba ngozothile ozihloniphayo,
Nami ngiyoba yiqhathanzipho uqobo.
Ngikuvikele kwizivunguvungu neziphepho.
Ngikufukamele okwamachwane,
Ngikuvikele koheshane babakhapheyana.
Ngifenyise ingozi yembuzi
Egudla iguma.
Yiba ngozigcinile.
Ngizokufunza injula yothando,
Ngizishaye ziphele, bakikize.
Bakikize kwenu nakwethu.
Ungimisel' iduku ngoNtulikazi,
Babe zindimbane nofakazi.
Sigcagce emini lithe saka.
Okwakho wukuvuma mntanomuntu,
Ungithungise lembenge,
Siyiphethe sobabili.
Siyiphethe lapha siyiqale laphaya.
Ngikuvikele kungqoqwane neziphepho,
Sihlale ngokwethaba nentakaso.
Ngiweze nami ngelibanzi,
Ze ungifundise ukuba ngumongi,
Ngikuphathise okwamachoboka, uhlale
Umamatheka.
Umamatheke ungithwebule ngothotho,
Ngithithize sakuthithibala.
Ntokazi
Lolucu ngolwakithi kwa......
Ngalwabelwa yizinyandezulu,
Zona ziluphathiswe nguMvelinqangi.
Yiba ngowami
Owami ingunaphakade,
Owami ekuseni,
Emini
Nantambama.
Owami ngedwa zwi
Okwezinyo libulala.
Okwakho wukuvuma mntanomuntu,
Ungithungise lembenge,
Siyiphethe sobabili. Kakade
Ubucwibi obuhle buhamba
Ngabubili.
Spha M imbongi ayishaywa