Amadwala Poem by Goodenough Sakhile Dlamini

Amadwala

Ngizwa amadwala esho ngamandla emifuleni sengathi ingenisile....
Imisindo isho kuze belu izintaba kunanele nezihlala...
Amathemba abukeka ebumbeka kancane kancane kuhle komneke kodwa ohamba ushuye imilobo lapho odlule khona...
Ngibona ikusasa lisondela kuphela isikhathi sokulinda...
Nokubekezela kuba ngokunethemba nokunethezeka...
Kepha ngoba akubobonke abantu abazojabula...?
isimo sokuzungezwa ngemibuzo onezinpendulo zayo kepha ongeke wazikhipha ngrnxa yokugcina inhlonipho...
Kuhamba kushabalale konke obekulindelwe kuvele obekungalindelwe kepha ilokhu imile eyami imibono...
Nanamhlanje ngisasho konke esikwenzayo kuphumeleliswa ngumdali kuphinde kushabalaliswe nguye...
Ukuhlela kwakho kungaphikisana nakuhlela kwakhe bese kuvune yena belu ongaphezulu...
Ngiyilindele imisindi ngemibono eyahlukene nokunengeka
Kungengikhumbuze na amahlokohloko exokozela emithini emidekazi?
Impela iqiniso elingephikiswe ukuthi enhle esuke igawulwe ezizweni...
Ngisho ngoba umntanomuntu muhle...
Namanje ngisathuka uma emehlo ethuke ehlangana..
Kuhlengezela Izinyembezi zomunyu uma ngi ninga ngekusasa ngaphandle kwakhe...
Kepha kungani ngoba benginazo izinhlelo engekho empilweni yami.
Miningi imithetho singabantwana esiyeqile kepha ngyakholwa ayikho imigodi yokuba silahlwe nathi...
Ngokushintsha kwesikhathi esiphila kuso, besidlulile emithethweni esiyibekelwe
Sabuswa imizwa yokuthanda kwethu
Sathatha izunqumo ezinqala
Sazibona sinamandla alingene ukuzifaka ezilingweni
Yebo kepha Uthando lunamandla ngoba lugoba ngisho izidlakela ezivunyiwe...
Uthando oluvuthayo impela liyalikhipha ne koba lomlilo
Konke kuthuka sekwenzekile ngenxa yokuthembana...
Ngeke sakubeka mabala ngabe uyindodana noma uyindodakazi
Isandla ezifudumele uzozifica zikulindile...
Awukaze waba iphutha kubantu abazi kahle imiphuma yemikhuba yababili...
Buka ngoba izizwe zihlezi zibhekw ukuwa kwakho ngaphambi kokuba zikulekelele ukuze zakhe amagama azo...
Impela Angisoze ngabukela phansi ubukhulu bakhe
konke kungamandla okuthanda kwakhe hayi okwethu...

Wednesday, October 14, 2015
Topic(s) of this poem: love
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
God always take charge
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success