Angibanga Indoda Yalutho Poem by senzokhaya umhayi

Angibanga Indoda Yalutho

Rating: 5.0


Angibanga indoda yalutho

Bengith uma ngizibheka ngithi ngiyindoda
Bengith uma ngibona amadoda aziqhenyayo nami ngiziqhenye ngith ngifana nawo
Ngangith nami nginothando njenge ndoda
Ngangingazi ukuthi amagama omlomo wami azongilandela
Engakusho ngomlomo kuyangiphikisa
Engakufunga phambi kwebandla akusenzeki
Izenzo ziyaphika zithi angindoda yalutho

Ngangithe ngizokuthanda muntu wesimame
Ngakuthatha ezweni lakini ngakuwelisa izintaba nemifula nemigelezo
Nawe wavuma ngoba wawuluzwa uthando lwami lugeleza esifubeni sakho
Wangivulela sonke isifuba sakho
Waze wadela umndeni, abangani nezihlobo zakho
Walamela esifubeni sami ngaba ithemba lapha kuwe
Wangithemba ngayo yonke inhliziyo esifubeni sakho
Namhlanje ngikuvulela isifuba ngiya vuma
Angibanga indoda yoqobo

Ngithi nqo nqo nqo ngivulele ngingene
Ungayikhumuli leyo ndandatho
Noma nginhlanhlatha sithandwa sami ngiphe indlebe
Ngiyazi inhliziyo yakho isemnyama okwamanje
Impela ngiyavuma ngizihambile izindlela ezimnyama
Ngiyazi ngiwuxukuzile umoya wakho
Iqiniso yebo ngiye ngakuncisha lona
Ngiyavuma ngizehlisile izinyembezi emehlweni akho
Imihla ngemihla ubukhala ngami ulila imini nobusuku
Kepha namhlanje ngimile lapha eJolidane
Ngiphethe nali ijokwe lami
Ngiwelise ungiphe uxolo

Ukona kwami konke ngiyakuvuma
Ngiza kuwe ngiphethe nali iqoma eliphuphuma amanzi acwebile
Asigeze izinsila zothando lwenzondo sikudlulise okudala
Ngikweshele kabusha nawe ungiqome kabusha
Sithathe uthando oludala silutadishe kabusha
Amaphutha esiwenzile siwalungise afane nesifundo
Ngamaphutha ngifundile mtano muntu,
Ngiyavuma angibanga indoda yoqobo,

Lendima isavundile isenomnotho,
Asithathe amageja sibuyele ensimini sitshale kabusha,
Sipheke okusha sikuthulule osekuvuthiwe,
Cha ngiyavuma ntokazi,

Angibanga indoda yalutho.

By Sєиzσkнαуα Uмнαуi, © 2013, All rights reserved.

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success