Dlozi Lami Poem by Black Consciousness Poetry BCP

Dlozi Lami

Dlozi lami ngifela izimvula
zezibusiso nezinhlanhla
ezivela esibhakabhakeni senu
Zulu omnyama, nithule
nithini bengifungela
bengisongela, bekhwifa
izihlungu ezidunga umoya
bethi liyoshona nami, incwaba
selimbiwe.

Phela sengibulawa nje
ngoba idlozi lami
ligidile kwajatshulwa
kithi, kanti mina
kwakungamele yini
ngiphumelele, kanti
mina kwakumele nje
ngibe unonhlupheko.

ngiphendule Dlozi lami.
Dlozi lami ngilamulele,
selihlomile izinkonjane
zizungeza khona lana,
bathi liyobhuma kanye
vho lingithathe, ngeze
ngafa ngifela izinhlanhla
nezibusiso eningibusise
ngazo, achithiwe asho
amathambo kaMgoma
Ukuthi abathakathi
basekhaya, bacheme
Nondlebe zikhanya ilanga.

awuu mandoda ave belibele
ukuthi iDlozi lihlekela
elimthandayo, kanti abazi
yini bona ukuthi sonke
sizalwe sifumbethe.
Kanti bona abazi yini ukuthi
inhlanhla yomuntu yisiphiwo
esingabiwa kuhle kwefa, esho
efa.

|Sazi KaMzibeni|

Dlozi Lami
Wednesday, November 16, 2016
Topic(s) of this poem: african poem
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success