I Celebrity Engaziwa Poem by Goodenough Sakhile Dlamini

I Celebrity Engaziwa

I celebrity engaziwa
Emetaxini'ufica kukhulunywa ngaye
Emakhishin' itiye lehliswa ngaye
Emasimini kuhlakulwa ngaye
Esikolen' izingane zixoxa ngaye
He! Yazi nabangani bakhe bayakhuluma ngaye
Kodwa ngathi abamazi kahle

I celebrity engaziwa
Abanye bathi av' ekhuluma
Abanye bathi av'e cwensa
Abanye bathi av' ehlekisa
Abanye bathi mfishane
Abanye bathi mude
Abanye bath' uyintokazi
Abanye bath' uyinsizwa
Nkanti mdala noma mncane? , akekh' omaziyo

I celebrity engaziwa
Bath' uyahlukumeza
Bathi'uphathana kahle
Bath' ukwenza konke
Kant' ubani lo okukhulunywa ngaye
Yazi bonke bazitshel' uthi bayamazi
Truly, surely akekho
Ok' angibonele (uthando… love)
Lomunt' udumile but akaziwa
I celebrity engaziwa

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success