Ikusas' Elishabalalile Poem by Goodenough Sakhile Dlamini

Ikusas' Elishabalalile



Wonile yin wanyus' imali yeqolo
Zalokhu zenyukile
Wayeth' ulungisile kant' usebulalile
Bazoqhubeka bandise zona lezintandane
Ezingondliwe
Bayashalaza phamb kwazo kant' ibafuna zilale zonile
Zonile phambi kwabazali bazo begadile
Uhulumeni uthethile, ukhuzile, ubonile, ukhathele,
Kodwa'uhlulekile

Zona zilokhu zenyukile
Zihlulekil' ukuzibamba nansi nemal' isibekiwe
O sugar daddy bezithembisile
Ngiyaz' uzamile
Uwfakil' umthetho wokushada kobulil' obufanayo
Ubethi lizokw ehl' izinga lengan' ezilethiwe
Nabo bazamil' uku adopter lez' esezifikil' ehlaben' ohluphekile
Besingathin' o sugar daddy bedlangile
Imal' ikhon' isishelile
Nokuhluphek' izingane kuzilingile
Zibona nempil' ephucuzekile

Waphinda wazama wafak' izivikeli
Negculaza yalokh' ibhebhethekile
Bona futhi osugar daddy izivikeli baziphikile
Baphika zona futhi lezintadan' abazilethile
Uzamil' ukubabopha kodwa zibaphikeleli
Ngoba bezithembisiw' ezinye zisatshisiwe

Oh he! Zahluphek' izingane zamantombazane
Ontanga yazo bethule bebukile…zilokhu zihlukumezekile
Obab' abadala ikhalil' ingane bona belokhu beqhubekile
Beyihlabile beyihlikizil' imthetho kahulumen' ebekiwe

Sizobikela bani ngob' okuhlul' amadoda kuyabikwa
I wona nje lamadod' adudela ngasemadaden' awojahi dada
Udede bayadudan' ontanga…
Ndoda! U wena nje oyilethile, usukhulile, usuhambile, usubonile,
Usuzwile, usutholile, usunambithile
Nekusasa lakho usul' enjoyile
Kanjani nje ngaleli lengan' osulibulalile
Ikusas'elishabalalile

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success