Mntanam’ungangehluleli… Poem by Goodenough Sakhile Dlamini

Mntanam’ungangehluleli…



Mntanam’ungangehluleli…
Lena ke, inkondlo ngaphandle kwamagama
Ngizamil’ ukyishicilela ngaphandle kwamagama...
bekuvuliwe kepha ngema ngaphandle kwamagama...

Ukube kyenzeka bengab’ umbukiso ngokwakh’ uzibon’ isigcino.
Lawa ngamazw’ am’ okugcina
Kulomhlaba lesi bekuyisithembiso sokugcina.
Mntanam’ ungangehluleli kepha ngakugcina
Sengiphefumul’ okokugcina
Kumel’ uwazwil’ amazw’ am’ okugcina

Ngangingenaku khetha
Ngakuthola ngisafunda
Nabazali bami bedonsa kanzima
Ngangiphuma ngingena komakhelwane ne sinyazi
Noma lidum’ izulu likhiph’ unyazi
Kwakumele silale siwusulil’ umlomo
Ikati lalilel’ ezik’ emlilweni kuphela ngotha
Siyidla imbuya ngothi.

Keph’ uNkulunkulu kunjal’ abazali bam waba thatha.
wathatha no yise wakho owayesezama ngasemadolobheni.
Ngangihlala’ emthandazwe’ ubusuku nemini
Wawumncane mntanami kumina kwakuhlwe’ emini
Ngangimncane ngane yami ngangithi kuse mini
Ngangibibitheka nawe mntanam’usikhihl’ esikaNandi
Indlala kwakuzima kungemnandi
Ngangingena mzamo base bungekh’ ubumnandi

Umama wam wakwetha lelingama elithi S’fundo
Ngoba wathi ngifund’ isifundo
Sokungaziphathi kahle ngalibala, imfundo
Ngalibal’ uyise wakh’ uMfundo
Kepha kuleso sifundo ngazithola ngingena mfundo.

Nakho ngasuk’ emakhaya ngalibangisa’ emadolobheni
Nalapho mntanami, akubanga lula ndodana yami
Ngangehla ngenyuka naw’ emhlane,
Ngingena ngiphum’ emzini yabamhlophe
Ngifuna, okungama toho kodwa luth’ ukuwathola
Babengichitha ngenxa yengan’engangi ngeke ngisebenze nayo
Nesimo sempilo yakho sasi ngesihle
Nesikhath’ esasiphila kuso sasingesihle.
Mntanami ungangingehluleli kepha ngakugcina

Zahamba zaze zaba ngama sont’ amathath’ izinsuku luth’ umsebenzi
Nganikela komunye wodadewethu engangimazi
Ngokusuka nabo ngasekhaya, uNtombizodwa nawe lo omaziyo
Wasishiy’ emhlaben’ uneshumi leminyaka
Mntanam ngangizalwe ngedw’ ekhaya njengoba nawe wazi
Ngangingena bani, ngiwumtshing’ ubethwa ngubani.

Mntanami ungangehluleli kepha ngakugcina.
Wahlala nam’ ezimbalwa izinsuku was’ ehamba nami
Engifunel’ umsebenzi wena wawusala no dade wabo uThokozile
Ngaluthokozela lolo sizo kepha ngangingazi mntanami
Kepha wangifak’ emsebenzini lapho eyesebenza khona.
Ngangingabaza kodwa mntanam ngangingena kukhetha
Wayesethembisil’ ukungixosh’ endaweni yakhe
Uma ngingawamukel’ umsebenzi kumphathi wakhe
Ngacabanga ngekusasa lakho mmtanami
Ngawuthath’ umsebenzi mntanami
Ngasebenza ndodana ngaze ngathol’ eyam’ indawo la emadolobheni
Ngakukhulisa ngezinyembezi zegazi mntanami
Ehlezi ebuya njalo lamazwi kamama ukuth’ uyisifundo kumina.
Wafunda mntanami, ungazi umama wakho’usebenzaphi
Mungibuza ngangikutshel’ ukuthi ngisebenza kwabamhlophe
Ngangingenay’ impendulo mntanami.

Ngicela ungangehluleli mntanami kepha ngakugcina.
waze waphothul’ ibanga lakho likamatikuletsheni
Ngokuhlakaniph’ owakuphiwa uNkulunkulu mntanami
Waze wangena namhlanje, emfundweni-ephakeme
Kodwa namhlanje ngilele laph’ emtholampilo sengiyahamba ngyabona
Kumel’ ulaz’ iqiniso mntanami kune sdingo,
Ufund’ uphothule, ugogod’ emfundweni ephakeme
Ngyazi qhenya ngawe, uphil’ impilo eyokuthokozisa
Mntanam ungangehluleli kepha ngakugcina
Yonke leminyaka bengidayisa ngomzimb’ ukuze siphile, ube la ukhona...
Mntanami ngyakuncenga uze, ungangehluleli ngakugcina...
Esho amazwi akh’ okugcin’ ethula okokugcina uHluphekile.

Lena ke, inkondlo ngaphandle kwamagama
Ngizamil’ ukuyishicilela ngaphandle kwamagama...
bekuvuliwe kepha ngema ngaphandle kwamagama...
lokhu sekuwukuphela kwamagama…

Monday, March 31, 2014
Topic(s) of this poem: loss
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
dieying mother telling the truth...
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success