Ngyamemeza ma-Afrika ngizweni
Ngimemeza ngisekhaya angikho nasembizweni
Ngifuna ukunitshela lokhu okusemizweni
Sikhohlwa ukwenza okwethi, siye kokwasemazweni
Imibuzo engaphenduliwe namaqiniso angembuliwe
Bathi umhlaba ujikile
Besho besaba abantu abashintshile
Amagay amalesbian afikile
Singathin ngoba uMbheki uvumile
Angithi nomakhelwane usephenduka umaskhwelane
Ngyamemeza ma-Afrika ngizweni
Ngimemeza ngsekhaya angikho emazweni
Imibuzo engaphenduliwe namaqiniso angembuliwe
Sicwasa abane Albinism
Siyeka abaneSatanism
Impela sesizophenduka amazimuzimu
Abokfika bashayiwe izigebengu ziyekiwe
Abomthetho bathule okwenkunzi etheniwe
Siyababuza balokhu bephenyile
Ngyabona la macala ayogcina ephelile
Ngithi ngyamemeza ma-Afrika ngizweni
Ngimemeza ngisekhaya angikho emazweni
Imibuzo engaphenduliwe namaqiniso angembuliwe
Bathi basilethela ipeace
Kanti babheke phansi bayizimpisi
Baskhuthuza begqoke ontanjana
Izingane zisale zilambile zimathanjana
Amathuba emisebenzi avaliwe
Angith phela abantu ababribile
Aybo ngyamemeza ngith ngizweni
Noma ngingeyilutho ezweni
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem