Ulimi Poem by Black Consciousness Poetry BCP

Ulimi

Mama, kanyisa isibani, kamisa inkotha
ihhaye amankanka kuqhume okamisa,
ulimi insimi yezinhlamvu, phela
isigodlo umphimbo, ukukhanukwa
kwezinhlamvu ukutshala imbewu
yokwakha ezweni, hhayi ukuletha
usizi, ngoba ulimi noma ulwimi ubuciko
nobuncothi bokubiza, isiqhu u'biza' ku'bokubiza',
siveza ulwazi olunzulu ukuthi ukukhuluma kahle
hle ngubizo, isipho noma isibusiso, ngubisi
esiluncela ebelini, likamama, ongumsusa
nesibeletho sempilo, ulwimi kunguphawu
lokuphila, izwi lomphefumulo, yobe
ukuphinyiswa kwezinhlamvu ukuqhala
ukuhlanipha, ukukhalipha ukukhalela 'mama',
ukumemeza kwengane 'mama', umama ozala
isizwe kanye nolimi oluyizwi lesizwe.


|Sazi KaMzibeni|

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success