Sizwe wakwaZungu DiPoet


Sizwe wakwaZungu DiPoet Poems

1. Wethuswe Zinyembezi. 1/1/2013
Best Poem of Sizwe wakwaZungu DiPoet

Wethuswe Zinyembezi.

Wethuswe ngubucwebe bamanzi,
agelezayo ayize leze.
Lezi azikhombi bona ubulambi nobumpufu
Azichachisi inkanuko nobuhlwempu.

Weduswe zinyembezi ezijuzel' emhlabathini
Zifindwe nentokozo yokulangazelela ikusasa.
Ikusasa elilalel' isasasa.
Zimyoli zigcotshwe intakaso.

Wethuswe zinyembezi zabancumile
Abancumele isipho sizikhondla
Abancumele impatho yezikhandla ezondlayo.
Wethuswe zinyembezi zenjabulo!

Read the full of Wethuswe Zinyembezi.
[Report Error]