Minenhle Magoso

Minenhle Magoso Poems

Ngalenkondlo ngizovusa amathemba
Asegqitshiwe amathemba
Kepha ngokwethemba elami ithemba
Ngalenkondlo ngizolivuselela elakho ithemba
...

Minenhle Magoso Biography

I have always had a passion of writing, but now I want to hear people's view about my writing. Zulu poetry is my speciality.)

The Best Poem Of Minenhle Magoso

Ithemba

Ngalenkondlo ngizovusa amathemba
Asegqitshiwe amathemba
Kepha ngokwethemba elami ithemba
Ngalenkondlo ngizolivuselela elakho ithemba

Ngithi namuhla siyawambula
Ngeqiniso sizowakhulula
Ngemvula sowahlanza.
Ngezikhukhula bazohluleka
Ngokusicekela phansi bebethi bazophumelela.
Kepha neze ukusicindazela.

Bebethi siyabasaba, bethi sizobaleka
Kepha ke ngesivinini badideka
Nakhuke sebezohluleka
Thina ngokuzethemba sizobaqonda.
Ngethemba lokugcina sizophumelela.
Usathane uzamile wahluleka
Ngoba kuMdali sohlale sikhuleka
Ngethemba amaphupho ayofezeka
Ngethemba sonke sophumelela

Ithemba ithemba ithemba
Abahluphekile bayalila
Bayakhala bayaphinda
Bathi thula mntanami ngoba ujesu ukhona
Ngephimbo elinesizotha bayahlabelela
Ngethemba bayakhuleka.
Ngethemba imthandazo iyophendulwa
Ngethemba inkosi izoba hawukela.

Ngethemba sizobumbana
Ngokwebumbana sizophumelela
Ngokuphumelela izwe lokhokho noKhokhokazi lithuthuka.
Ngokwethuthuka lizovuka ithemba.
Ngokuvuka kwethemba izobuya iAfrica.

Hlala uqine ethembeni
Ngoba sekuseduze empumelelweni
Akubalulekile ukuthi omunye unani empilweni.
Kepha okubalulekile ukuthi wena usazobanani empilweni.
Izimoto ezingakanani egcekeni.
Imali engakanani ebhangeni.
Wena nje hlala ubekezele ethembeni

Ngalenkodlola ngizovusa amathemba.
Ngalenkondlo siyaphilisa siyasindisa
Inhloso ukuphilisa kepha isiphetho siyabusisa

Minenhle Magoso Comments

Minenhle Magoso Popularity

Minenhle Magoso Popularity

Close
Error Success