Ave Umuhle (2) Poem by cebolenkosi kubheka

Ave Umuhle (2)

Bengithi sesiqedile nje
okwami nawe bengithi
sekungumlando
yini wanyonyoba nje,
manje?
Usufunani futhi?
waziveza ngazo zonke
izindlela kimi
kodwa ungilinge lani?
ukuphumula angisakutholi
usufika liphuma ilanga
ufike lishonna
uvumbuke phakathi kwamabili
chaza inhloso yakho
ntokazi, yini oyifuna kimi?

uma ngilele ebusuku
ufika ngephupho,
kanti wena ubalekelwa kanjani?
uma ngibuka izinkanyezi
esibhakabhakeni
zingikhumbuza amehlo akho
uma ngotha umlilo ungikhumbuza
imfudumalo yesandla sakho
uma ngilalela umculo
ngikhumbula iphimbo lakho
uma ngindlula eduze kwezimbali
lapho zithaphuka amakha
zingikhumbuza iphunga lomoya
ophuma ezindebeni zakho uma ukhuluma
konke okuphilayo, nokusemhlabeni
kungiholela kuwe
kamumva nj yonke into ingikhumbuza wena

Friday, November 13, 2015
Topic(s) of this poem: love,past,relationship
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
cebolenkosi kubheka

cebolenkosi kubheka

Newcastle (KwaZulu Natal)
Close
Error Success