Intombi Yomngani Poem by M.C Madlala

Intombi Yomngani



Ngithanda intombi yomngani
Njalo mangibona ngyazisola ukuth angishelanga ngani
Ngidliwa umzwangedwa angazi ngzotshela bani
Okwebutho likaZulu angizufela ngaphakathi
Uma ngitshela iyagxuma ithi uzothin ngoba singabangan,
Kuphakathi kwethu sobabili pho uyobe etshelwa ubani
Ay le ngyaythatha sekungamane kuphele ubungani

Yona ngyaybona umngan imthwele ngeqoma
Kodwa nami ngiyinsizwa pho izoyekelan ukungiqoma
Akukho okufihliwe okungeyuvela
Wathola ngalokhu ziyokwehla iziqhoma
Phela lo mjita uyangethemba
Uma bexabene imina owazi kuqala
Imina engimduduzayo nalapho esekhala

Impela ukuba iposi ngizokhathala
Ubungani buzophela ngyabukhatha la
Ngiphenduke iposi elingenasigxivizo
Lapho bexabene, uma kukuhle
Bathi abamfuni owesithathu uzobhidliza

Ngithanda intombi yomngani
Njalo mangibona ngyazisola ukuth angishelanga ngani
Ngidliwa umzwangedwa angazi ngzotshela bani
Okwebutho likaZulu angizufela ngaphakathi
Uma ngitshela iyagxuma ithi uzothin ngoba singabangan,
Kuphakathi kwethu sobabili pho uyobe etshelwa ubani
Ay le ngyaythatha sekungamane kuphele ubungani

Kumele ngikhethe phakathi kwale ntombi nomngani
Ay abuchitheke bugayiwe, umngani uyongisiza ngani
Phela ukuthi iyangithanda angingabazi
Ngabe kungcono ukube ithandana nomuntu engingamazi
Ithathwa emuntwini naye akayithathanga esihlahleni
Akukho soka ladla kahle imbangi ibalisa
Kona ngyavuma angiyona imbangi kodwa
inkinga yami ukuthi Ngithanda intombi yomngani

Monday, August 10, 2015
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
M.C Madlala

M.C Madlala

Msinga, Tugela Ferry
Close
Error Success