Le Mfihlo Yethu Poem by senzokhaya umhayi

Le Mfihlo Yethu

Lemfihlo yethu,

Ukube ubungazisile ngosuk' lokuqala ngikushela,
Sonke lesisikhathi ngikulindile,
Ungilindisile wangicel' ukuba siqale sibe abangani,
Wath' ukhona osamthandile,
Mina angime ngimulind' ukuba akwephul' inhliziyo,
Wath' uzobuya kimi uma sekuvum' isikhathi,
Zahamb' insuku namalanga,
Ngahlala ngithembil' ukuba uzobuy' uzofez' isethembiso sakho,
Naye waz' ukth mina nawe singabangani nje abakhule ndawonye,
Kepha wena ngalana ubuyaz' imizwa yami,
Bengiktshelile ngothandi olusenhliziyweni yami,

Njalo mek'limaz' emphefumulweni ubukhalela esifubeni sami,
Ungitshela zonk' izinto akuhlupha ngazo,
Ngikuthulis' ukhala ubalis' uthi yena uyakuhlupha,
Uth' uyahlulek' ukuthandana naye ngoba yen' uyakshaya,
Uhamba namantombazane phambi kwakho,
Ulala nawe ngenkani ungavumanga,
Akafun' uvakashe nom' uhambe nabangani bakho,
Uma nindawony' uk'phuc' ngish umakhalekhukhwini wakho,
Owakhe' akafuni uwubheke,
Walila ngakuthulisa ngakududuza,
Ngazama ukuba umngani othembekile empilweni yakho,
Ngakubonisa ngakuyala waba ozwayo,
Ngakwesula izinyembezi,
Ngayithulisa inhliziyo yami,
Ngayilalis' eyami imizwa,

Noma ibilokh' ishilo nje ngesilokozane,
Ukuthi nami ngangikushelile nje,
Nami ngangikutshelile ukuthi ngikuthandile,
Ngabe awungiboni yini ngingokulungele,
Awungiboni yini ngiyi ndod' eqotho engakuboni ufanelwe izinyembezi,
Olwami uthando uyaleya noma ulibukela phansi,
Pho uma kunjalo kungani ngaso sonk' isikhath' mekonil' ugijim' uzokhosela kimi,
Uma ngiwumthunzi wokukhosela njalo 'ma sezikunethile,
Kungani ungathathi mina umshiye yena,

Futhi kube yenu ubengoqotho kuwe,
Ngabe akajoli phambi kwakho,
Ngabe awuhlal' uciphiza izinyembezi njalo emehlweni,
Ukube yen' ubekuthanda wena pho ngab' ukubekelani isandla,
Ukuphoqelani enkonzweni yasekamelweni,
Nanamhlanje futhi ukubeth' ingoz' engeqiwa ntwala,
Ufikile kimi ukhala futhi,
Ngakwengama ngezam' ukuk'thulisa njengemihla,
Kepha wena ungibambile wangisondez' eduze wangiphefumulel' emakhaleni,
Nakimi kwathamb' emaqakaleni kwaqin' imizwa,
Bukad' ubuthakathak' emoyeni ubungazaz wenzani,
Ke mina nami ngiyakthanda angikwazang' ukuzilawula emzweni,
Sagcina sesiphelel' ekamerweni,
Namhlanje sivuk' endlini eyodw' ekseni,
Silalile futhi siphindile iphutha lenzekile,
Nayizolo nanamhlanje futhi ufikile,

Sobabili sesifihl' induk' eyodw' emqubeni,
Njalo njalo usulokh' ubuyile,
Sengiphenduk' umduduzi wenhliziyo yakho,
Sengiphenduk' umelaphi womoya wakh' owephukile,
Sengiyimbiza yokukuphalazisa zonk' inkinga ezikukhungathile,
Kodwa nami ngangikade ngikushelile ngikulindile,
Ngikutshelile ngothando lwami,
Kepha wathi angimulinde eze ekuphul' inhliziyo,
Namhlanje ukuphulile umoya,
Kepha ukhalela kimi liphume ilanga uvuke ubuyele kuye,
Ngisale ngimile ngilindile ukuba uzobuya usushitshile,
Kodwa lutho ulokhu ungicelile nje,

Uthi okwethu kwaziwa yithi sobabili,
Imfihlo yethu asingayithi vu emphakathini,
Kepha mina lendaba iyangibolisa ingivova ngaphakathi,
Umoya wami uyakhathazeka njalo mengikubheka amehlo akho ayalila,
Ubuthakathaka futhi uhlukumezekile kepha awufun' ukumyeka,
Uthi mina ungithanda njengomngani,
Sinothando olufihliwe sivela emphakathini njengabangani,
Awufuni bebone ukuthi khona okushaya amanzi lapha kithi,
Kepha makushoni langa uwen' uzongikhalela,
Usek'shayile futhi,

Lalela ke manje,
Nami sekukhon' engimthandile engifun' ukuvela nay' emphakathini njengesithandwa ayi njengomngani,
Khona senze kahle njengabangani,
Qhubeka nomthandayo nami ngiqhubeke nengimtholile wangithanda,
Ubungani buphele lana nemfihlo yethu siyigqibe khona lana.
Lemfihlo yethu asiyifihle siyiphethe iphele nya,

USenzokhaya
Umhayi

Monday, September 15, 2014
Topic(s) of this poem: love and art
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success