Simphiwe Ntozakhe


Mina Ngingubani? ? ? ? ? - Poem by Simphiwe Ntozakhe

Ake ubabuke…….nje,
Badwanguze, Bangiphunga,
Baphuma inqina bangayithola imvelaphi yami.
Bagadla bahlehla, baphinde bagadla.
Phela mina akekho owazi umama kumbe ubaba wami
Phela mina akekho owazi imvelaphi yami.

Ngifike kwelengabade ngaqotha imbokodo
Kepha isisekelo sasala.
Ngifike ngathatha umama, ngathatha ubaba
Ngabe sengishiya izintandane zikhala.
Ngafike ngathatha ibhungu, ngathatha itshitshi
Ngabe sengishiya abazali bekhala.

Ngikhumbula lensizwa eyayisidlakela, sesigansonso
Ngayidla yaze yaba ngangothi lokuvungula.
Ngikhumbula lentokazi eyayisho ngezitho sengathi amabhodlela,
Imanzi yoqobo.
Ngayidla yaze yaba njengethole liphuma kunina.
Emuva kwalokho, ukuyolusa amadada.

Phela mina uma sengingenile kuwe
Ngiphundula ubusika bube yihlobo,
Ngiphendule ihlobo libe ubusika.
Ugqagqazela, ugodola
ilanga libe liphume ngisho nasebukweni bezinja
Likhipha inhlanzi emanzini.
Ngikwenza ufise ukuphindela esiswini kunyoko

Odokotela nezinyanga bahlulekile,
Ungqongqoshe kwazwelonke wezempilo wehlulekile,
Ngisho uManombazana Shabalala Msimang.
Phela lowo ngimuzwe ephatha indaba kaGaligi noBetroot njengezidambisi,
Akazi ukuthi labo phela abangane bami.

Ozonginqoba sengim’bonile,
Phela ulona othi: -ZITHIBE-THEMBEKA-
Uphinde usebenzise ijazi lomkhwenyana noma lomakoti
Yebo, ngicacise uma uya ocansini, hhayi noma ikuphi
Khumbula ukuthi impilo emhlabeni yinye.
Phela eyesibili ikagoqanyawo.


(24 May 2008, Saturday)


Comments about Mina Ngingubani? ? ? ? ? by Simphiwe Ntozakhe

There is no comment submitted by members..



Read this poem in other languages

This poem has not been translated into any other language yet.

I would like to translate this poem »

word flags

What do you think this poem is about?



Poem Submitted: Wednesday, March 4, 2009



Famous Poems

  1. Still I Rise
    Maya Angelou
  2. The Road Not Taken
    Robert Frost
  3. If You Forget Me
    Pablo Neruda
  4. Dreams
    Langston Hughes
  5. Annabel Lee
    Edgar Allan Poe
  6. Stopping By Woods On A Snowy Evening
    Robert Frost
  7. If
    Rudyard Kipling
  8. Do Not Stand At My Grave And Weep
    Mary Elizabeth Frye
  9. I Do Not Love You Except Because I Love You
    Pablo Neruda
  10. Television
    Roald Dahl
[Report Error]