Nginike Ithuba Poem by Simphiwe Ntozakhe

Nginike Ithuba

Nginike ithuba ngilobe ngemizwa yami.
Ngilobe lenkondlo ngomqondo wami.
Ngizwa unyembezi luhlengeza ebusweni bami.
Phela mina ngisosizini,
Ngidinga uthando lwakho,
Ngidinga ubambo lwani.

Ngivumele ngikutshele ngemvo yami,
Phela ubucwibi obuhle buhamba ngabubili.
Njengoba bubodwa-nje, cishe amampunge.
Ngike nganinga, ngajula, ngajubalala ngomqondo,
Cha, ungithahile we-ntokazi,
Ngichazwe isizotha sakho,
Ubuchule bakho, ubuwena, inhlonipho....
kepha ngingabala ngithini nje.
Sekusele unginike ithuba.
Phela hleze ngigqame ngawe.

Ngifikelwa isithombe lapho sisobabili.......
sihlela impilo yethu yangonaphakade
Impophomo yempumelelo yoqobo.
Nginike ithuba kufezeke iphupho,
Ngisho iphupho loMkhonza, oGabhani, oNcibi,
oMfaz'obelelinye, amaNtozakhe ephelele.
Phela kade bemlindile ofana nawe,
Cishe uzokhanyisa nalapho ebekumfipha khona.

Yebo, anginalutho esandleni sami,
Phela nguwe-nje ozodala kubekhona utho,
Ngibe umuntu ebantwini,
Ngibe yindoda emadodeni.

Nginike ithuba
Ngivumele ngikhulume

COMMENTS OF THE POEM
Alfred Cawe 02 May 2010

Vityo vityo! ! ! ! ! ! ! ! ! ! well written poem.....Kuyabonakala ukuba ubhalwe ngumntu oyithandayo imvelaphi nenkcubekho yakhe.

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success