Nokuzola Poem by freddy bhungane

Nokuzola



Nokuzola
Mangivukwa imizwa yothando
Ngiphelelwa ukwezela Ngiqashise okwezenze
Ngiphume ngivathazela
Phela idliso lisuke selimi phezulu
Ngisho phezulu esifubeni
Ngizule ezitaladini
Ngifunana Nonokuzola
Ntombazane ezothile
Yangithembisa iZulu nomhlaba
Ukuthi mzukwane ngamuzuza ngobe ngiphethe iZulu ngezandla
Uma sengiziba zivele ziyime emthumeni
Ngicabange ubaba uZindela
Owasiza uZamani ukuze azuze uZihle
Anginike umanyazini ngimunike uzukwa omdala
Ngoba inhliziyo yami ivele izwe ubuhlungu uma ngibona uNokuzola ephuzana noZukile
Ngoba kade ngangimzama
Ngimunika izizumbulu edla izambani likapondo
Ngimuhambisa nge-Z3
Egcoba amazambakhi
Lutho ukumuzuza kuphela uyangi user bese yazibukela
Sengihlabe izimbuzi ngithi ngicela emadlozi lutho ukumuzuza
kKuphela uyangi user
Kade ngangimzama
Lutho ukumuzuza
Ngiyamthanda uNokuzola noma e-user friendly
F.T. BHUNGANE

Wednesday, November 16, 2016
Topic(s) of this poem: love
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success