Uyigugu ngempela kwabakuqabukayo
Ungithatha ungiphose ezimpophomeni ezigeleza ukwethaba
Ngiphile ngithi cha!
Ngabe yimi ngempela yini lo?
….Kuthi cwaka….
Ungibambe ngesandla
Ungisondeze esifubeni sakho
Lapho enginethemba lokuthi kuhlala leso silwane esihlanganisa okaNtusi nokaThusi
Ewu wayigugu weNoluthando
Lihloma lihlasele
Kuvaleke amehlo
Kuphebezeke imicabango
Kucinane amadlebe
Ezisaba amazolo ziyazitshawa,
Ngabe ngiyalimgwa yini ngonoluthando wami?
Sesiwokhele lomlilo wethu uvutha ubuhanguhangu
Kugxotshwe kwasaPhela eligcogcoma eXhibeni
Kazi ekaNtusi ngabe igadle ngokwanele na?
Ngoba phela nakhu sesiphuphuma emagcekeni akwaMasango,
Kuthenjiswana izulo nomhlaba,
Ewu ngizwa inxegane yamadolo uma ngimiswa mathupha nawe Noluthando
Ngawe sengiibhukuda ezizibeni zothando,
Kepha ngiminzisa okwembokodo eswele uminakzi
Ngawe sengokhele izinkinzi zamalangabi,
Kepha ngixhoshwa yizinhlansi
Ngizibuza ukuthi kazi silwane sini lesi osifukamele ngesifuba sakho,
Ngoba okwesihlahla esiqukethe ameva,
ukuzisondeza kuwena kuhlezi kungishiya ngimanxebanxeba
Ngabe nguwena njalo lona Noluthando?
Ibhalwe nguVincent Masango
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem