Nyawo Lwami Awunampumulo Poem by Sphe Sphe

Nyawo Lwami Awunampumulo

Rating: 4.5

Nyawo lwami awnampumulo bheka sewungthathe wangbeka kwela KwaNonhlansi uqhakazise izitaladi, esezaduma ngoNokzinza wabangisi, ukusihlwa aphazamiseke ekvimbezeleni amaqaphelo ukubheka inyathuko yezinyawo Zami.

Lokhu kwenzeka kufane neNkanyiso elethwa nguwe Ndonsa yentathakusa kuleNhliziyo yami ekade idunguza emnyameni.Unganaki ukuminyaniseka kweqiniso ngamanga okomhlanga phakathi koMvoti.Amehlo Omqondo ezinjulweni ahlezi ebona ibhayisikobho, la inqola kaMlilo iwela isiwezeli soMngeni, Sengiyimpumputhe ebonayo lapho sengigqolozele esikhaleni.

Khona Manjalo ngizizwe ngikwelenyoni, ngyohlola imvula yesibusiso sakusasa, ukuze ngizokwethulela umhlahlo, Hleze ungizwe ungzwisise nebala ulungisele inkongozelo Sengathi bewungaqonda ukuthi ubungako besikbona ngawenyama awaqinisekisi ubungako lobo besikbhekile, kuyobanjalo uzulikhombe iphesheya koLwandle unganeno

Nyawo lwami awnampumulo
Bengiyosibonaphi isimamatheko eselapha usizi, kuqaqeke amafindofindo kakotini oyimizindlo yengqondo ethunga ilokwe likanokusho sengathi elokukhazimulisa umendi.Uphimbo uyazoyiza uyashishizela uMoya wami, ngobutoti bakho, ngizwa ligeleza ngemithambo okwamayiwa kamelaphi ahlumelelisa amandla kowesigulo,
Lipulukutshela ngezindebe ezichichima amafutha okuzotha nenhlonipho, bekfanele kuqapheleke ubudoda buyasinga

Nyawo Lwami Awunampumulo
Wednesday, August 2, 2017
Topic(s) of this poem: my dearest me
COMMENTS OF THE POEM
Jazib Kamalvi 03 August 2017

A great start with a nice poem, Sphe. You may like to read my poem, Love and Lust. Thanks

0 0 Reply
Ezhil Vendhan 03 August 2017

Nyawo, It is so nice

0 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success