Thando Unjani Poem by senzokhaya umhayi

Thando Unjani



Thando unjani.

Ukube uthando lunjengempahla,
Bekuzothi lapho sesihlukene nobethandwe inhiziyo,
Luvele nalo luguge lufane nesidwedwe,
Bengizolihlubula ngilidabule,
Bese ngiyolishisa elangabini elikhulu lomlilo,
Bese mina ngisala ngimsula,
Kazi thando wawakhiwe ngahlobo luni lwensimbi,
Kulukhuni ukukugoba,
Cha ungigobile uyinqobile imizwa nenhliziyo yami uyiqobile,
Nanamhlanje ngimanxebanxeba kodwa usangidikadika,
Ungilimazile kodwa ngisakudinga,
Kazi unandiswe ngaluphi uhlobo lwesithako,
Angineli angideli ngisho sengilimele ngisakunanela,
Thando kanti unjani?

USenzokhaya umhayi

Monday, September 15, 2014
Topic(s) of this poem: Feelings
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success