Ukube Bengazi Poem by Paiva Nkosinathi

Ukube Bengazi

Ukube Bengazi

Konke bekukuhle emehlweni ethu,
Izinto sizenza ngokubambisana,
Sibonisana, sisizana, sihloniphana,
Sibambene, sinikana ithemba nesibindi,
Singamathe nolwimi.
Besijabule, sikhululekile, ukwenama bekwaziwa yithina.

Besenza izinto ngokubambisana,
Sithembana, sizibona sinekusasa elichakazile,
Ubudlelwano buthu bebebusisekile,
Wonke umuntu ebejabulela ubudlelwano bethu,
Siyisibonelo esihle ebantwini, besifisela inhlanhla,
Besihlale sijabule ngaso sonke isikhathi.

Kwase kufika owesithathu,
Wangena washintsha isimo,
Wachitha konke besikusebenzele,
Amathemba namaphupho besinawo acala alahhleka,
Uthando lwethu lwacala lweba namagqcubu,
Lwehla isithunzi, ngacala ngangasabi nendaba nawe,
Kwafika nalapho ngikhohlwa nangawe.

Ngathathwa wudumo, ngathathwa ubukhazikhazi.
Ngazibona nginakho konke empilweni,
Ngingazi nokuthi kusetshenzele kanjani,
Izinto bengizibona zizinhle zikhazimula,
Bengibona impilo ilula, futhi ichakazile.
Ngakhohlwa wuthando lwakho, ngakhohlwa wuthando olubekezelayo,
Ngakhohlwa yizinto esazisebenzela kanzima.
Ngathathwa wudumo ngathathwa ubikhazikhazi.

Ngakhohlwa ngawe nganaka umakhwapheni,
Ngazibona nginekusasa elihle, futhi elichakazile naye.
Umakhwapheni ungenze ngakholwa nguye, ngamthanda.
Ngavaleka izindlebe nganga laleli muntu,
Ngizitshela ukuthi ngazi konke, kati ngizijwaza ngowami.

Uthe uma esebone ukuthi ngikhohliwe ngawe,
Wase ukhipha unyawo, waziveza ubuyena.
Ekhwela ezehlela, ngingasahlonishwa,
Ngibizwa ngesilima, isshimane, inswela boya,
Ngibizwa ngalo lonke uhlobo lwamagama.

Uthe uma esecedile ngami wangishiya,
Wangilacaza, wangishiya ngizacile,
Impilo yacala yabanzima, ngingasadli, ngingasalali,
Ngihlale ngicabanga. Ngazaca ngehla emzimbeni,
Kubona wonke umuntu ukuthi kukhona okushaya amanzi,
Zonke izifo bazikhomba kimi.

Umakhwapheni ungenze ngalahla konke benginakho,
Ngalahla konke bengikusebenzele,
Wangenza ngayekelela impilo yami,
Ngajikela abangani, ngajikela izihlobo.
Kube bengazi ngabe ngachubeka nempilo bengizakhele yona,
Ngayiphatha kahle, ngayifukamela yafudumala.
Ukungazi kufana nokungaboni,
Kanti futhi sifunda ngamaphutha ethu.

by Paiva Nkosinathi Vilaneulo

Tuesday, April 5, 2016
Topic(s) of this poem: epical
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success