Ukuphuza Kowesifazana Poem by Paiva Nkosinathi

Ukuphuza Kowesifazana



Ukuphuza Kowesifazana

Uletha siphi isithombe uma ungowesifazana ophuzayo?
Unaliphi ikusasa ngoba uhlala ubhucabhuca etshwaleni?
Uzoyiyhola kanjani inhlonipho ebantwini ngoba awunasimilo?
Uzowuthola kanjani umshado ngoba uhamba namuhla ubuye ngakusasa?
Uzolalelwa ngubani mawukhuluma ngoba wazi utshwala,
Ushaye iwewe, ikwasakwasa kanye namashumaye?

Uletha siphi isthombe kwabakulandelayo?
Uzobakhuza uthini mabona,
ngoba babona ngawe ukuthi kumele baziphathe kanjani?
Uzoshadwa ngubani ngoba utholakala kalula, awunaye ucha?
Lawundlula khona khona kusale kukhulunya ngawe ngezinto ezimbi.
Lawukhona khona ubanga umsindo ususe impi.
Okwenziwa ngabantu ufuna ukukwenza, akukho okukundlulayo.
Lonke uhlobo lotshwala laziwa nguwena,
Zonke izindawo zokuphuzela zibuzwa kuwena.

Zonke izinto ozenzayo, uzenza ngoba ufuna ukubukwa.
Lawufika khona ufuna kubonakale ukuthi ungowokufika.
Wahlangana nomfana usuthathekile.
Mawuthola imali ucabanga utshwala.
Ubumnandi buhamba phambili, awundlulwa, alikho elamahhala.
Isikhathi sokugeza sona usithola nini ngoba uhlale usetshwaleni?
Abazali bakho sebaze bakhuluma amagama abuhlungu ngawe,
Ohamba juba bayokucutha phambili, isalwa kutshelwa sibona ngomopho.
Ingabe likuphi ikusas uma ungalaleli abaphambili kunawe?

Uma uvela kuthiwa savela isidakwa, wavela umaphuzana.
Uleyha siphi isithombe uma uvuka ngotshwala uze uyolala ngawo?
Wahlangana nensizwa ecotho, ethobile, ekholwayo, ehlonishwayo,
Yazama yazama ukushintsha isimo sakho kodwa yahluleka.
Yahamba ngoba ibona ukuthi ngeke ushintshe,
Futhi yehla isthunzi, ngoba awuyihloniphi.
Uletha siphi isthombe emphakathini?

Izinto ozenzayo ziphathisa ngamahloni.
Umuntu ongakwazi uyakuzwela, akuhawukele.
Athi oooh Nkosi may your messy be upon her,
Umsize abone indlela, akwazi ukuzinakekela.

Usuphenduke isiyoyoyo into engazi ukuthi ifunani empilweni.
Uyintombazana enjani enganamaphupho?
Uyintombazana enjani engazi boni iphumelela empilweni?
Iphupho lakho ukuphuza utshwala wonke malanga,
Impumelelo yakho ukuhlangana nabo bonke abafana bendawo.
Izinto ozenzayo ziphathisa ngamahloni.

by Paiva Nkosinathi

Thursday, April 7, 2016
Topic(s) of this poem: value
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success