Bengith' uthembekile kanti cha!
Bengith' ngiyakwazi kanti cha!
Bengith' ngiyalwazi kanti cha!
Bengith' uyangthanda kanti cha!
Ubungifihlel' induk' emqubeni
Ngihlangane naw' uthwelw' amanz' ubuy'emfuleni
Unesizotha futh' uhlonipha
Benginqamul' amazwe ngize ngikuthola
Phela bath'indulenhl' igawulw' ezizweni
Uvul'amathenda ngothand'olwakhe
Ngakuchazela ngesimo sami wangilalela
Futhi wangamukela ngolukhul' uthando
Ubuhle bakho bungenze ngashiya konk'ebenginakho
Uthando lwakho lungenze ngabheka wena wedwa
Bebengitshela ngobubi bakho kodwa angzange ngibalalele
Ngob' ubungenzangingabakholwa ngothando ubungivezela lona
Kodwa ke u dlalile ngabantu
I qiniso …ikhiwan' elihle ligcwal' izibungu
Uvul' amathenda ngothando lwakhe
Ngizibonele ngokwabi ukuthi sibaningi kuwe
Uwu hulumen' osebenzayo maning' amathend' aphuma ngonyak' okusho
Khona sizoyibon' intuthuko
Hhayi ngisho imiphumela yemsebenzi yakhe
Uvul' amathenda ngothando lwakhe
Ungamthemba, ungamthambela, futhi
Ungamthulel' isigqoko
Uyakwaz' uku pretender lomntwana
Don't judge the book by its cover
Phela lo! Uvula amathenda ngothando lwakhe…
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
this is a wonderful poem from my perspective mr Sakhile.but i found something unapropriate, next time be care ful of the spelling and separation of sentences which have different meanings.