Uyong'khumbula wemntanami
Ngisakukhuza ngisadla anhlavana
Ngisanawe kulomhlaba
Usakhala ngikuthulise
Usacela ngikunike
Ngisawa ngivuka nawe
Ngisenawo amazwi njengomzali
Uyong'khumbula wemntanami
Ngiyalibeka ulibeke
Ngibeke uthubhobho wena u beke upondo
Inhlonipho ikuphelele
Inhlonipho kayisekho
Uhamba ngomnyama, ngikukhuza ema clubhini.
Usikaiziketi zibe o -10 cm
Ubhema iaidakamizwa ezinhlonhlobo
Umpakathi usubuka wena
Umpakathi usuhleba mina
Uyong'khumbula we mntanami
Lapho sengilele kobandayo
Lapho sengikagoqa nyawo
Sengithule okokuthule
Sengilele ubuthongo bokugcina
Sengingasanyakazi ngisho u bhozo
Sengikobaba mkhulu
Ungeke usangivusa
Unemibuzo, engeke ngayiphendula
Ngoba sengikophezulu
Umhlabathi phezu kwami kudekude le
Emajukujukwini ekujuleni komhlaba emathunjini
Wena usuhlupheka ungena bani
Nomakhelwaqne beneme, phela kade bebuka
Wena uyobe ungesenaba
Uwumtshingo ubethwa ngubani
good boy keep it up...just fix the mistake...in lil places nje ngale kwalokho you are great
Kuyintokozo kimi ukupha iso lenyama kulomndiyazo weklume lakwaZulu, kuqhilika izihlathi ngoba kusho ukuthi isizwe sikaPhunga noMageba ngeke sabulaw wukoma sikhona.lolompe lokulandela izinqgalabutho ungalushiyi, uqhubeke njalo, izinyandezulu ezikukhangezile, ziyokhanyisa inyathuko yakho phakade...funda imisebenzi yabanye, uqinise kakhulu esiZulwini, ugogode ngokuceba kwaso ubhale ngamagama angajwayelekile...njengokuthi njengathi gubhu, lacu ngacela empunzini instead of saying ngasukuma ngokushesha ngabaleka....Siya_! !
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Keep it up broh This is Amazing :