Uyohlala Ungowami Poem by Paiva Nkosinathi

Uyohlala Ungowami



Uyohlala Ungowami

Enhliziyweni yami uyohlala ingunaphakade.
Kimi uligugu, kimi ubalulekile, kimi uyikho konke.
Enhliziyweni yami wakhe ikhaya lakho,
Ikhaya elifudumele, ikhaya elinokuthula, ikhaya elinoyhando.
Kimi ufana nomntwana omncane ohlala esemhlane nsuku zonke,
Umntwana obalulekile, umntwana engimthandayo.

Uthando lwami alusoze lwaphela,
Uthando lwami luyohlala lumi njalo.
Kimi ufana nezulu elehliswe phuzulu,
ukuze ihliziyo yami izitholele ukuphumula kulo.
Uyinyanga ekhanyisa lapho kumnyama khona.
Ngiyakuthanda, futhiungowami.

Uyinxenye ephelelisa konke okwami, ulubhambo olucotho,
Yingakho namuhla kugqcagqcwa kujabulwe,
Kusho khona ukuthi uyohlala ungowami.
Kimi uyisisekelo esihle, umduduzi, umthokozisi, umphelelisi.
Empilweni yami ubalulekile.
Ziningi izimo ezinzima esihlangabezane nazo,
Abasondelene nathi baze balahlekelwa ngamathemba ngathi,
Kepha ngokuthi uyohlala ungowami yingakho sishada namuhla.

Kimi uligugu, kimi ubalulekile, kimi uyikho konke.
Konke kuhle emehlweni ethu, izinto sizenza ngokubambisana.
Siyahloniphana, sinikana ithemba nesibindi,
Singamathe nolwimi, ukwenama kwaziwa yithina,
You are my sun, my moon & my stars.
Enhliziyweni yami uyohlala ingunaaphakade.

By Paiva Nkosinathi

Thursday, April 7, 2016
Topic(s) of this poem: love and dreams
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success