Wayeshilo
Ngaphamb' kokuba sebeshilo
Abanye babengasho lok' ayesekushilo
Bhasobh' umlilo baning' asebeshile
Washo wath' asihloniphen' uyihlo no nyoko bethu
Ukuze zisandel' izinsuku zokuphila kwethu
Nokusho baning' asebeshumayelile kulemtheth' eyishumi
Eyayisifundiwe ngokusho baning' esebezwil' ukuthi wayeshilo
Wayeshil' uMdali manje
Buka sebeshile
Sebeshil' abangazange balalele kushiwo
Bayabhubh' abangazange bazwe makushiwo
Wayeshilo kodwa kwakuhlwile kulab' ababe ngazwile
Baphil' impilo yokunethezek' ontang' ababezwile
bazo zeka bazekwe
Wen' usalenethwe zeka zekwa
Besuth' useshweni kanti cha! awulalelanga ngaleskhath' esishiya
Esishiya naba profethi wakhetha muphi
Angikho lapho, kodwa wawalandela amazwi kamdali?
Ngalesikhath' esishiya wena wayeshikilel' inkulum' ayishiya
Abazali bayakhuza kube nhlanga zimuka nomoya
Amalungelo phambili bashiy' inhloniph' emuva
Sebegijima phambi kwabazali babo
Babona kukuhl' abasaz' indlel' ibuzwa kwabaphambili
Abayazi kahle lent' eyayishiwo
Noma bengazi ngoshintsh' oselungenisile
Umhlab' usuphenduk' owabo
Abasakwazi ngish' ukubingelela
Babambana phambi kwabo lab' esebekhuzile
Bancikisana phambi kwabo lab' esebekhulile
Sebekhathazil' abasa khuzeki
Ngab' iyona yini lenkululek' abaning' abayifelile?
Ukukhululeka ngabe ikona lokh' abakufeyilile?
Ngab' iyona yini lenkululek' eyenza lengane zingezwa
Noma sekushiwo
Lalelani bo ntang' u Mdali wasishiyela
Abazosikhumbuza ukuthi 'wayeshilo'
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem