KHOMBISANI ABANTWANA BAMI ITHUNA LAMI
TSHELANI ABANTWANA BAMI IMFIHLO YAMI
ngisizeni ningbizele umama azongbona
yebo ngyazi kona ngamona
kube ngabona
ngangingeke ngilandele abangani ababi abagcina sebe
ngholele ethuneni
phela bengidla izidakamizwa kusemini
ngibashiye bekemile oNingie
bengkhuza bethi kulomhlaba uphila kanye awphili
kaningi
lethuba oltholile lisebenzise khona uzovuna okutshalile
kube ngangilalelile
abazali bengkhuza bethi estayeleni ngizogcina
ngphumile
njengobaba ezami izngane kwakufanele ngizondlile
kepha ngaba iyengandoda elalingezwa mshini noma
kthiwa izingane zilambile
bekumane kufane kimi ngoba benglala ngdlile
bekumane kufane kimi ngoba benglala ngbalile
abadala bathi ISALA KUTSHELWA SIBONA NGOMOPHO
ukugulu kudlala ngami
yebo kona zincane izngane zami
KHOMBISANI ABANTWANA BAMI ITHUNA LAMI
TSHELANI ABANTWANA BAMI IMFIHLO YAMI
kwalapho sezikubuza zithi mama uphi ubaba
uzitshele ukuthi wahamba ethi uyosebenzela nina
wafika wadlala onondindwa bemdidisa ngobukhazikhazi
betheku naye wadideka
ngisho imali etafuleni besehluleka ngisho ukuyideka
ungakhohlwa ukubatshela ukuthi ubaba wenu beyi vaka
benbuka nikhula ajabule kodwa angazi nikhula kanjani
benifisa nibe amadodana aqotho kepha inhlonipho
enganifundisanga
befuna nishintshe isbongo ningakhokhelwanga
ubatshele kwawena angikuhlawulanga
ungangboni ngkhuluma la magama ayismanga
ingoba ngbona ilanga lingshonela Nomalanga
uze ukhanyisele abantwana bami
ubatshele bengafani nami
ungakhohlwa ukubazisa ku mama wami
ngyazi kubuhlungu mawubuka igciwane maldlala ngami
kodwa sondela lapha eduze kwami
ulalale amazwi ami okugcina mtakwethu uyohleli
usenhlizweni yami
suyokhala zome mina sengyohlala ezulwini no Jesu
wami
yebo ngyojezela amacala ami
kodwa makwenzeka ngifa manje
uze
KHOMBISANI ABANTWANA BAMI ITHUNA LAMI
TSHELA ABANTWANA BAMI IMFIHLO YAMI
uze uxolele izono zami ngsaphila
khona ngzokwamukelwa ekhaya mangfika
uze utshele bona impilo ebengiyiphila
uze ubhale ngomlando wami waka mhlaba
khona abanye bengeke bafise ukufana nami
qwashisa isizwe sazi ukuthi uzenzile akakhalelwa
futhi akakhahlelwa
phela kubuhlungu masekunjena ngyesaba
buka sengiyaziphunyukela
abasekho oNobuhle
nobuhle babo bangshiye nesifo
igciwane bangthelele
izingane zami zingafani nami
yiba ubaba ube umama kubo
ubaphe uthando lomzali
nakhu okunye baby i............................................
..........(he died engakaqedi idla izinto zomhlaba yaz
kodwa zimbi azihlafuneki)
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem