THOBEKA
nhliziyo yami kade uzula zula
mlomo wami kade ubalisa
namhlanje angkholwa ngathi ngyaboniswa
zindlebe zami uzwani
shhhhhhhhhhhhhhhhh uthena uyangthanda uThobeka
nghambile wonke amazwe baba
ngize ngafika khona eMtuba
lapho ekuthiwa intombenhle inqamula khona
ngabe besengfikile yini ezizweni
ngabe amazwi ka Thobeka angikhiphile yini osizini
selokhu ngazalwa omuhle kanje ngyaqala ukumbona
emhlabeni
shhhhhhhhhhhhhhhhh uthena uyangthanda uThobeka
we baba uthena uyangthanda uThobeka
kodwa ngyazi abanye bazonghleka
intombi lena eyakazulu
yaz ngaqala ngakhuphukelwa umoya waya phezulu
bengfisa nami ukumthanda kwami kube yindumezulu
noma sesishada abekhona uMngomezulu
lezozindebe zayo ezingshaya ngdinwe idolo
phela akashayi ngestayela soma fikizolo
shhhhhhhhhhhhhhhhh uthena uyangthanda uThobeka
micabango yami ungakhawuli
ngoba wakhawula amachalaha azokudla unembeza
namaqaphelo asehleli ebheke phezulu
mdali ngsize ungkhombise indlela eyaphezulu
kona ngyaz ngqhamuka esouth coast kodwa
ngyathanda lengane yakwazulu
noma ngabe ngsezinhlungwini angawathoba awami
amanxeba uThobeka izthothobala zyokthakasela ukbona
uthando luchitheka njengo mfula uthukela
aibo shhhhhhhhhhhhhhhhh uthena uyangthanda
uThobeka
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem