Muphi ubuntu lapho?
Ungenze ngaduba ubaba no mama abangizilayo
Ungenze ngaduba uSipho no sizwe abangishelayo
Ungenze ngadakwa wuthando
Ngaduka ngaphambanelwa ikhanda ngenxa yothando.
Buphi ubuntu lapho? Uma kade usuvele usazi
Kodwa ubungeke nje ungitshele ngithathe ijazi.
Izivunguvungu zomoya zidlala ngami
Nokungebani kuyazenzela lakimi
Nokungena dosi kuyazitinyelela lakimi
Kodwa buphi ubuntu lapho?
Kodwa luphi uthando lapho?
Ungifice ngihlezi ngizithibile
Ngiziphathe kahle
Ngilindele ikusasa elihle
Kodwa ngiyothini ufana nalo ikhawene elihle
Elale lingcwale iizubungu.
Ungithembise izulu nomhlaba
Kanti wena uyazi ukuthi usho endlu yami yokungcina engaphansi komhlaba.
Kodwa Buphi ubuntu lapho?
Kodwa Luphi uthando lapho?
Ngiyakhala izinyembezi azifiki
Ngiyalala ubuthongo abufiki
Awungitshele kodwa wena ulala kanjani
Awungitshela kodwa ungibheka kanjani
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Love is jealous of its own property...