Ewu kodwa bakithi ngathi sengikhohliwe lapha
uthi ngisathandwa nje kodwa,
uthi kuseyimi umanqoba kulenhliziyo,
ngaze ngafa inkumbulo,
ngibulawa imidlinzo nokwesaba ukulahlekelwa ithemba lami engithembele kulo,
Mdali ongidalele lona uze ungisize lungangephukeli ubambo lwami engibambelele kulona,
ngingaba isiphi isithithithi uma usungilahla,
Nkosi ngingabonwa ubani sengishaya isithingithingi lingasekho ithemba lami,
amaphupho ami wona angafezeka kanjani ngaphandle kwenkanyezi engikhanyisela ezindleleni zemizwa yami,
Mhlabeleli wemizwilili evusa inhliziyo yami,
Makhi wamaphupho amnandi ebuthongweni bami'
Nalapho ulele nawe ngiyafisa ukuba uphuphe ngami,
Langa lakho lingapheli uma mina ngingakaveli phambi kwakho,
Uze ungibone nami ngikwefuthele icilongo ngenkondlo yami,
Ngikunikeza imvumo yami,
Vunula ngemvunulo yobuntombi ushaye ishindindi,
Umeme izintombi zangakini niye komisa iduku kithi,
Ushuqule iduku ekhanda ufike ugoye uma kuvumile,
Nduku enhle yasezizweni,
Shaya kakhulu ngonyawo lwakho ufike ubatshele abakithi,
Ukuba sengikuthathile,
Nabakini ngiyonqamula izindlelangifike ngibalume indlebebe,
Ngokuthi sengikukhethile
Kuwe nginothile,
Uthunge umthungo obunkenketha enhliziyweni yami,
Wafana nothunga lwenkosazana emuva kukaDomoyi,
Kuwe ngiwutholile umthunzi wokukhosela
Wangiphuzisa amanzi ngadela inguna phakade,
Ngiyoba nawe ekukhaleni nasenjabulweni yakho,
Kepha imidlinzo yenhliziyo iyangiqhaqhazelisa,
Kepha nginethemba lokuba awungilahlile.
uSenzokhaya Umhay
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem