Ehlane Poem by senzokhaya umhayi

Ehlane



Ehlane.

Mhlaba thembeli lokuphila emhlabeni,
Isibhakabhaka sesicimezisa amehlo,
Amathunzi aseqala ukunana indawo,
Ukukhanya sekudedela ubumnyama ukuba kudlale indima,
Izimvula seziqala ziqathaka ngamathonsi abanzi,
Intandane nentandane isikhumbula ehlane layo,
Lapho ilahla khona zonke izinsizi zayo,
Lapho igoba khona amadlangala,
Yembathe umjivo wayo wenkonzo osewaba madabudabu,
Indwangu eyayimhlophe qwa seyaba madakadaka,

Ukuhlwa sekufikile kwathi imigodi ngemigodi,
Sengisele ngingedwa abangani bami abasekho sebesemakhaya,
Zibuye izinsizi zokuthi anginabani,
Zivuke izinhlupheko zokuthi anginalo ikhaya,
Ngiqale ngikhumbule abazali ngibe ngingabazi ukuthi bakuphi,
Ngikhumbule izihlobo zami ngingazazi ukuba ngizozicoshaphi,
Ngifise ukuba ocebile nami njengabo bonke,
Kwehle izinyembezi lapho ngibala amasheleni ebengikade ngiwacela emini,
Engahlangani ngisho ingogo,
Ayeneli imvuthuluka yesinkwa ze ngikhohlise inyoka,

Ngilele ehlane ngomhlane ngibheke isibhakabhaka,
Ngibala izinkanyezi,
Kuyasho ukuthi ithumbu aliyithola into yokubamba umoya,
Umzimba wami usuphenduke ixhiliba eselavithizwa izimvula,
Lo mzimba wembatha amanikiniki,
Sengiphilela umphefumulo osahlangene nenyama,
Akukho okuseduze kwami ngaphandle kokuzifisela iliba,
Kulezo zinyembezi ngithumele umthandazo ngiwumbathise ngesililo,
Zehle zome zize zingithumele kwelamathongo,

Lapho ilanga livela ngesiphongo ezintabeni,
Isibhakabhaka sesiqoqa izinkanyezi,
Ukukhanya sekushaya ibuya emhlabeni,
Uma ngivula amehlo ngizwe ngisaphefumula,
Izimvula zedlulile kepha azidlulanga nami,
Ezandleni zami ngisenalo ithuba lokushitsha isimo,
Ngibonge ngicele kuMdali ukuba enikeze amandla lomzimba oweswele.
Ukuba engcine nomphefumulo kulo mzimba ohlala ehlane.
Ngiguqe ngamadolo ngibonge ukuthi ngisaphila ehlane.

By senzokhaya, © 2013, All rights reserved.

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success