Imithelela Emibi Poem by Paiva Nkosinathi

Imithelela Emibi



Iithelela Emibi

Ukulahleka kwakho kube nemithelela emibi empilweni yami.
Ubungumuntu, futhi ubuyincenye ephelelisa konke okwami.
Amavi avela kuwe ebengakha, futhi ngiwathokozela.
Izethembiso ezivela kuwe beziwumthombo wokusimama komoya wami.


Nalapho ngidideka ngilahlekelwa yithemba,
Uwena ubungiqondisa, ubuyise nethemba.
Nalapho ngikhala ngidabukile, uwena ubungiduduza.
Ubungenza ngibe namaphupho amahle,
Futhi ubucinisekisa ukuthi ngiyawafeza.


Ubungenza ngizibone nginekusasa elichakazile.
Ubuzinikela, udele konke okwanzayo uma ngikudinga,
Ubungisiza ungithwalisa nomthwalo wami ongisindawo,
Okwami bekuhamba phambili bese kulandela okwakho,
Ngenxa yothando nangokuthembeka kwakho.

Ubungumuntu onothando olumnene,
Umuntu onothando olungacanuki,
Umuntu onothando olungazikhukhumezi,
Umuntu onothando olungazigabisi,
Umuntu onothando olungazicabangeli okwalo,
Umuntu onothando olubekezelayo.

Yebo kona simelwe ukufa lapho kuyofananiswa
Namanzi achithwe phansi, asenganakubutheka.
UNkulunkulu aze awulonde umphefumulo wakho,
Ungatholakali uzulazula, ngoba ufanelwe ukuya ezulwini.
Ulale ngokuthula siyobonana kwelizayo.

by Paiva Nkosinathi

Thursday, April 7, 2016
Topic(s) of this poem: death of a friend
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success