Izinyembezi Zentandane Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Izinyembezi Zentandane



IZINYEMBEZI ZENTANDANE

USIZI KIMI SELUBHALIWE
IZINSUKU ZAMI ZOSIZI AZIQEDIWE
ANGANI NEZITHA SEZIYAJABULA ESAMI
SOKUHLUPHEKA SISHAYILE EMPELENI LAPHA
NGSHAYIWE
OKUBUHLUNGU KAKHULU LO OWABULALA ABAZALI
BAMI WATHENGWA NGEMALI ESHISIWE
OKWAMI KUBUHLUNGU WE! ! !

empeleni angzazi igama ngingubani
futhi angizazi ngafika nini
akekho owaziyo ngizeleni emhlabeni
kodwa engkwaziyo ngiyisihlupheki endaweni
abanye sebethi lo wabaleka kubo
bakhuluma amampunge ekhaya kwavalwa ngehlahla
nakhona uyothi uyafika ufike sekumbozwe ngesihlahla

USIZI KIMI SELUBHALIWE
IZINSUKU ZAMI ZOSIZI AZIQEDIWE
ANGANI NEZITHA SEZIYAJABULA ESAMI
SOKUHLUPHEKA SISHAYILE EMPELENI LAPHA
NGSHAYIWE
OKUBUHLUNGU KAKHULU LO OWABULALA ABAZALI
BAMI WATHENGWA NGEMALI ESHISIWE
OKWAMI KUBUHLUNGU WE! ! !

Sale usungkhusela baba
nami ngingowakho mdali
buka usizi nezinhlupheko ziyazidalela nje lakimi
bheka izngane ziyangthuka endaweni
ngilala ngingadlile sebengbiza ngoskhotheni
sebekhohliwe mina ukuthi ngakhulela ehlathini
inhliziyo yami ihlezi iphoxekeni
athi ngmubi angchazisi amathekeni
kodwa engkwaziyo ngzofela enhluphekweni
izinyembezi zentandane seziphenduke ihlaya
emphakathini
neyami inkondlo sengiyoyihaya emathuneni
kodwa vele nawe Jesu waba ihlaya emaJudeni
angsenandaba nokuthukwa ebantwini

USIZI KIMI SELUBHALIWE
IZINSUKU ZAMI ZOSIZI AZIQEDIWE
ANGANI NEZITHA SEZIYAJABULA ESAMI
SOKUHLUPHEKA SISHAYILE EMPELENI LAPHA
NGSHAYIWE
OKUBUHLUNGU KAKHULU LO OWABULALA ABAZALI
BAMI WATHENGWA NGEMALI ESHISIWE
OKWAMI KUBUHLUNGU WE! ! !

mina ngilala ngingadlile
futhi sengilala ezigangeni
nabo abantu bakho Nkulunkulu sebehambela kude
mabengbona ngoba besaba iphunga
angani sebethi ngyanuka
akusenani vele no mama washona be mnuka
bethi uyaloya kodwa bengzwani nobunuku
into emnandi ubezihlalela nabalozi oRozi(Rose)
sengakhala kwanela lezi izinyembezi zentane eyalahlwa
abazalwane enkonzweni ngoba ingazwani nobutabane
Izinyembezi zentandane yakwa Mbhele

Thursday, May 11, 2017
Topic(s) of this poem: sad
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Sad
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success