Kungenxa Yami Nawe Poem by Bathokozile Hadebe

Kungenxa Yami Nawe

Rating: 4.5

Waye ngasabhekeki
kungenxa yami
nawe
washaywa, elinywa
kungenxa yami
nawe
wabethelwa
esiphambhanweni
kungenxa yami
nawe
wathukwa, echotshoza
ngobubi bethu
wayelenga emqamulezweni
kungenxa yami
nawe
wanikela
ngokuphila kwakhe
ekhandwa ngamatshe
ekhafulwa ngamathe
kungenxa yami
nawe
ememeza esiphambhanweni
ethwaliswa umuqele
wameva
kungenxa yami
nawe
wathwala izifo
zethu
watshatha ubuhlungu
bethu
walinyazwa ngenxa
yeziphambeko
zethu
ngemivimbo yakhe
saphiliswa
KUNJENJENJE
kungenxa yami
nawe

COMMENTS OF THE POEM
Phiwokuhle Prideworth ndlela 04 February 2010

yebo kungenxa yezono zethu. beautiful piece

1 0 Reply
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success