Mbongi Uthuleleni Poem by Mphathi Thobumoya Mbhele

Mbongi Uthuleleni

Yangvusa ekseni ngo vivi inkondlo inglwisa ithi
Mbongi uthuleleni
Lafa labhubhia nje izwe uthuleleni
Sengaze siyosha esihogweni isalakutshelwa ukhona
uthuleleni
Phela mina siba lwami ngesaba amazondo
Uzibona nje zehlula abazali
Baphonsa ithawula
Zihamba kuze kuse ubgudu gudu aklaleki munemali
zisho ngemali yezinyembezi
Zizala zinike onina ngoba awfuni ukudla ubusha
bakho
Gada nangu umzukulu wakho
Mina ngsayobona abanamehlo akhohlwe
abanamehlo yibo abayokona
Ngeke ngbenze lutho laba mina siba lwami
Sekungcono kona ukuhaya ngezothando
ngizncomele
Izinkanyez zezulu ngoba zona azishintshi
Laba omalala bephenduka angazi ngempela
kwenzakalani ngabo
Ngisho esaslusa nabo ntanga sisakhula
Sebashintsha ublili bathi zifika kalula muzoba
owesmame
We mame bengingabathini kr laba Nkondlo
Ngoba nabafwethu sebengbophele okatiki ugwayi
Bathi wena Mbongi sokuphambanisa ne Mvula
ngoba ukhuluma uze weqe ulayini
Ngiguqe ngithandaze ngizbuze ngabe Mdali ulayini
Usiba aluzwa mshini pho uthuleleni?
Mina siba sengcabanga ukufela embelekweni
kamama
Vele akanankinga uzongincwaba
Kunokuthi ngfele ukbabonisa laba izidla mlilo
Ngyakwamukela ke Emzansi Africa
Ezweni lakuphilwa khona ngamanyala
Uhulumeni izigebengu abafundisi amaphoyisa kfana
Kuhluke ukuzbiza
Angbasoli abazbulalayo obani abangamelana nale
nsumansumane
Zithi azbuyele emasisweni
Kanjani singazboni ngisho kuyombulwa itshe lika
Shaka
Laba benza ngomlomo ayngezandla
Mungaphika nabo ungashonelwa ilanga
Ikhona ke emzansi la siba lwami mungazi lithi wena
uthuleleni?
Wena uyimbongi
Yebo ngiyiyo ay kodwa angyena uJesu ongafela
ukona kwabo
Ngisho uMadiba bathi washonela ejele bamphika
ngoba bethi sebe phumelele
Umuntu omnyama ngeke umenze lutho
akafundiswanga ukubonga
Kwimanje sthakathana sodwa nakhona isizathu
asikho
Sizondana sodwa isizathu asikho
Asoze nje mina ngathi ngyaqala ngyabayala
Ngabe ngyaziyala
Usibahle okhulele phambi kwami ungbize ngo (Baby
Boy)
Ngitsheleke ungabathini wena
Lwasho usiba kfanele uthule

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success