Mhla Ngibethelw' Esiphambanweni Poem by Strawberry T. Dube

Mhla Ngibethelw' Esiphambanweni



Mhla ngibethelw' esiphambanweni,
Ngangifela ezenu izono, enizenza emhlabeni,
Owayephethe wathi mugwazeni.
Ngakho-ke nani mhlabenibuza
Ukubanikhonza bani nibatshele ngami
Enganifela esiphambanweni.
Khumbula ngingumdali,
Owadala izulu nomhlaba
Ngaphambi kokuba ngidale wena,
Wena osulibala yizinto zomhlaba
Mntanami shiya okomhlaba
Ngoba okomhlaba kuyadlula,
Kepha wena yenza engakuthuma
Ukuba uzokwenza emhlabeni..
Mhlangifik' emhlabeni kuyovuka abafileyo,
Nabayokhuthazela kuze kube sekupheleni
Yibona abayakusindiswa...
Bantwana bami zilungiseleni
Seluseduze usuku
Lindani ngokuba anilwazi ihora nomzuzu

Mhla Ngibethelw' Esiphambanweni
Sunday, September 17, 2017
Topic(s) of this poem: religion
POET'S NOTES ABOUT THE POEM
Jesus Christ was crucified for our sins and he is coming back
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success