Hemiy Legacy

Noma Sengikhihla Ezimathonsi

Noma Sengikhihla Ezimathonsi
Bengazi indlela ibuzwa kwabaphambili.
Bengazi kuyisitho sangasese umphambili.
Izinto sezigaya ngomunye umhlathi kulawo mahlathi.
Izinto engakhula ngizibona sengizizwa ngaphakathi.
Noma sengikhala ezimathonsi!

Ezami izinyembezi seziphenduke umfula iNcome.
Esami sizwakala ezinkalweni, kungekho noyoke angibone.
Sekuze kwaphela nasozwaneni ngizama ukuhluthula.
Sekushabalala nawokugcina ebenginawo ngisakhula.
Noma sengikhala ezimathonsi!

Kwelika Mthaniya sekugcwele izimpisi ezinyawo-mbili.
Kowami umhlaba akusaphephile ukuhamba ngababili.
Kowakho, sebaphenduka isidleke senkanuko obami ubulili.
Konakele Ndl'emnyama, isililo sizwakala ngaphakathi ezibilini.
Noma sengikhala ezimathonsi!

Yeka ukukwethemba kwami, angisayibali eyenhlonipho.
Wena ubuyisiphephelo sami, umthombo wami othembekile.
Engikubonayo ubulwane nonya ezinhlamvini zamehlo akho.
Engikufunayo ukuzizwa ngikhululekile emhlambeni nasemehlweni akho.
Noma sengikhala ezimathonsi awusangizwa, uze ukhethe umphefumulo wami.

Topic(s) of this poem: poems

Poem Submitted: Saturday, May 20, 2017

Add this poem to MyPoemList

Poet's Notes about The Poem

With women/child abductions and killings around the country... This poem shares the pain. and, it's enough!
2,5 out of 5
1 total ratings
rate this poem

Comments about Noma Sengikhihla Ezimathonsi by Hemiy Legacy

  • Jazib KamalviJazib Kamalvi (6/6/2017 2:40:00 AM)

    A sympathetic start. Thanks

    Report Reply
    0 person liked.
    0 person did not like.



Read this poem in other languages

This poem has not been translated into any other language yet.

I would like to translate this poem »

word flags