Uze Ungabuni Poem by senzokhaya umhayi

Uze Ungabuni

Uze Ungabuni

Ubuhle bomuntu wesimame bufana nobembali,
Kungokwesikhashana kuyedlula futhi kuyabuna,
Isifiso sayo yonk' indonda ukuth' lo emthandileyo ngath engahlala emuhle,
Kepha njengembali ubuhle bakhe kuyabuna futhi sonke siyaguga,
Uze ungabuni mbali yami.

Waze Wamuhle muntwan' omuntu ngisakubhekabheka usaqhakazile njengesibani somhlaba esisavele kwaMpondo Zankomo,
NoBuso bakho obusebushelelezi njengesikhumba sesithelo sasensimini yase Edeni,
Nezwi lakho lisamemeza lisabalale ligcwale amawa kuhlehle izihlahla,
Nalezo zandlana zakho ezisathofozela njenge makhasi esihlahla somviyo,
Zon' ezingithinta ngivukelwe ukozela kuye kuvaleke ngisho iziqu zoboya,
Ngathi ungaba imbali yohlobo lwensimbi thizeni,
Uze Ungabuni.

Kuhle ukukubheka usemusha usaqhakazile njengembali kajika nelanga,
Umuhle ngisho ukhala kwale ngisho sewehla izinyembezi,
Umuhle ngisho ngikubukela ebumnyameni ngaphandle kwesibani,
Ube muhle kakhulu lapho uhleka kusafocoka izihlathi,
Ngize ngiziphulule umkhaba ngizizwe ngiyinsizwa nami ngenxa yobuhle bakho,
Nami ngize ngizikhohlise ngizitshele ukuthi ngiyigeza lenzizwa,
Egeza kulobubuhle bakho,
Phela kimi ufana namanzi amhlophe adonsa imisebe yelanga,
Wen' ungamanz' amhlophe mina ngiwumsebe welanga
Ngigeza ngobuhle bakho,
Manzi yami ngathi ungahlala unjena ungabi mdaka,
Ngathi lingangafika lelo langa,
Lezikhukhula nokuguga,
Uze ungabuni,

Namanje ngilokhu ngikukha ngeziqu zamehlo ngikuthi laphalazi,
Ngikubuka uphithizela wehla wenyuka utshikiza udlala ngeqolo,
Lona kanye lelo qolo lakho elangephula idolo ngakucela uxolo,
Yeka mehlo akho amhlophe njengomklaza wobisi lwenkomazi,
Yeka lezo zinwele zakho ezimnyama sakucwebezela njengotalagu,
Yeka zandlana zakho ezingithinta ngivukelwe imizuzu yase lawini lami,
Yeka zindebe zakho engizibheka ngiconse amathe nginambithe ubala,
Ngibala buhle bakho okuthi angikwefanise nobembali ye 5 roses,
Ngiphinde ngibe manqika nqika ngobembali,
Yebo inhle ngemibala kepha yona iyabuna,
Angifisi ukuthi wena ubune,
Ngathi ungahlala unjena nje ungabuni,

Ngathi ungaze wonyiswe njengamaqhaw' emizabalazo,
Uhlale unjena kepha nomphefumulo ungaphumeli,
Ngathi ungangashitsha emehlweni alendoda eyimina,
Noma ngingashitsha mina kepha ngikhalela ubuhle bakho,
Engakubona ngakubeletha njengomntwana,
Ngakukhalela ngakucela ngakuthola,
Sengathi bungahlala lana ke manje emahlombe ami inguna phakade,
Ngathi kungangadlula lobu buhle bakho,
Nawe uze ungabuni,

Kepha ke asoze ngakhala len impilo kaMdali,
Siyakhula futhi siyedlula kulomhlaba,
Lomhlaba inxiwa lokhokho bokhokho bethu,
Nabo babethandana njengoba sithandana,
Nabo baqala bebancane njengoba nathi sisebancane,
Baye bakhula,
Lwafika usuku baye guga,
Kanjalo nabo babuna,
Yabaphelela indima yabo emhlabeni baye badlula,
Thina ke sisakhula kusekuhle okwethu,
Sibabheka sibahleke abadala
Liyeza esizobe siguga ngalo
Ngalelo langa sobe sibabheka osobancane sibafela umona,
Size sithi kubo nathi saba bancane,
Sibahlalise phansi sibalandele ngezindaba zethu zobungane,
Abanye babo ngeke besilalele bazovela bezilalele,
Abanye bazothi laba badlala ukuguga,
Noma kuzobe kuyiqiniso,
Nalokhu kuyiqiniso,
Ngelinye ilanga sizoguga sithandwa sami.
Kepha isifiso sami sithi ngath' ungangabuna.


By Sєиzσkнαуα Uмнαуi, © 2013, All rights reserved.

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success