Zulu Lezintandane Poem by senzokhaya umhayi

Zulu Lezintandane

Rating: 5.0


Zulu lezintandane

Ngakhethwa ngasala ngedwa ebubini,
Ngaphucwa abazali bami,
Ngahlwithwa ikhaya lakithi,
Injabulo yami yangibalekela,
Ilanga ebelibalele langishonela,
Udonga ebengilamele kulo ladilika,
Abhidlika amakhosomba ebengikhosele kuwo,
Ngasala ngingenabani oyisibani lapho ngikhula,
Sengigaqa ngikhasela ngithandazela ukuwelela,
Lapho nginge hlulelwa ngobuntandane bami,
Ze ngifike ngilibone ngilithakasele,
Izulu lezintandane,

Sengihlulelwe emhlabeni ngiyehluleka,
Bayangihleka bathi ngihambe ngihlala,
Bayangihleba bathi anginalo ikhaya,
Isono sami angithi anginabo abazali,
Ngakho ke sengiphenduke umhamb' uma,
Ngilala ehlane nasemizini yabantu,
Bangibiza ngamagama ahlabayo,
Bangikhwifela ngamathe noma ngiqhamuka,
Sengithembele ukwenyukela entabeni,
Lapho ngizokwehlela eZulwini lezintandane,

Bahle bagezile ngiphambana nabo emgwaqeni,
Ngibabone nje ukuthi laba ontanga yami,
Ukube nami benginabazali bami,
Bengiyofaniswa nabo emihlweni yokuphila kwami,
Mhlawumbe bengizoba ohamba phambili unontandwakubukwa,
Bengizoba omuhle umkhangisi wezimpahla zikanokusho,
Nami ngifunde ngigogode ngivathe ngamajazi emfundo,
Ngifudumale ngokufeza amaphupho ami,
Lawo maphupho ngethembe ngiyowafeza phambili,
Ezulwini lezintandane,

Lapho ngingenakukhethwa njenge phela emasini,
Ngiyothandwa ngothando olufanayo nolwabo bonke,
Ngizobizwa ngegama ngisabele ngokwenama,
Ngaphandle kokusaba ukuba sengoneni,
Ezweni sengifana nomoni,
Isono ngashiywa ngabazali,
Kunalabo asebethole ithambo lokugiya,
Sebethole ukhiye wokungena bechanase empilweni yami,

Ngiyokuba ufakazi naphezulu eNkosini,
Ubuntandane bami buyofana nomqhele wami,
Ngizokweluswa nezinye izimvu,
Ngesulwe izinyembezi zami,
Akasoze wangibandlulula,
Kepha uyongiphindiselela ekuhlushweni kwami,
Ukuhlushwa kwami kuyoba ukhiye emagedeni,
Ngiyongena esangweni ngijabule njengengane encane ihlangabeza umama wayo.
Ngizoba muhle nami kuye,

Ezulwini lezintandane,

Monday, September 15, 2014
Topic(s) of this poem: deaths
COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success