iyona kanye inkumbulo yoku mamatheka kwakho
nayo lemicabango yo-kuthi siyobonana futhi
eyenza usuku lwami luvele luphelele
ngisho noma imvula ingishaya kuzwele
uze ungangehlukanisi namaphupho ami
ngitshele ukuthi usayobuya kimi
ithemba lami lise mazwini owashoyo
ngethembise, usayobuya kimi
ungangilindisi inguna phakade nkosazana
ngingaze ngibe umdodovu wekhehla
ngifuna ukuku thokozisa
emhlabeni wethu sobabili
nginga buye ngi thini ngi bhale okunjani
ngiphe ithuba lokuku bonisa
kunelangabi eli phenjwa nguwe, kalicishi
ngisho-noma ingaphephetha imimoya
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem
Ngiyazithanda izinkondlo yaz