*incwadi Yothando Yesizulu (A Zulu Love Letter)
Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi
Incwadi yothando yesiZulu
Esho ngemibalabala na ngamabalabala
Axoxa indaba ejulile yemizwa nemicabango
Idayimane, ngelo thando lweqiniso
Omhlophe, ngowenhliziyo engenasici
Indilinga, ngoba olwethu kalunasiphetho
Oluhlaza-sasibhakabhaka, ngoba wena ucabanga ngami
Unxantathu, ngoba amazulu aphezulu
Kanjalo nomhlaba nolwandle ngaphansi bayazi
Onsundu, ngoba kuyitshe kunothile futhi okwemvelo
Njengomhlabathi ongaphansi kwezinyawo zami
Noma ungawu shiya umbala ophuzi
Kungani kumele ungithande ngenhliziyo enesikhwele! ?
Ngifisa sengathi ungangibhalela incwadi
Engiyoyigaxa emqaleni
Ukuze zonke izimbali zase maqeleni
Ziyohawuka lapho zingibheka
Ngenxa yayo yonke lemibala egqamile
Incwadi yothando yesiZulu
Ngobuhlalu bothingo-lwenkosazana
Ubuhlalu base mazweni aqhelileyo
Minake sengiyoba nentokozo emangalisayo
Lapho ngiphendu-phendula ulimi lwakho
Kancane-kancane, futhi ngesikhulu isineke
Ukuze ugcine usukwazi kahle hle
Ukubingelela abazali bami
Ngendlela eyiyona-yona, ngolimi lwesiZulu
KwaNongoma ngiyayothanda kakhulu, ngikhule ngifunda izinkodlo zakho
Ii am inspired! ! ! ! your work is marvelous and you're a great peot keep it up
Lungelo Mbatha's poetry is beautifully written...strong, musical...full of love, faith, longing and intelligent compassion......a pleasure to read.....
Add a comment good grammar