[zulu, Inkondlo] Kwa-Nongoma Poem by LLM Mbatha

[zulu, Inkondlo] Kwa-Nongoma

hamba nkanyezi
hamba nkanyezi uhambe nami
wena oyinhlamvu edubulayo
wena odonsa umsidlana
othi benye-benye ngomlilwana
ububhanyabhanya esibhakabhakeni sangokuhlwa
hamba nezifiso zenhliziyo
uze ungikhonzele ku lawo magquma
lawo mathafa
emaqeleni kwa-Nongoma
hamba nemicabango yeza-y-izolo
yamathole etshakadula
emadlelweni kwa-Ziphethe
emihosheni kwa-Minyamanzi
mhla izintombi ziya ko theza
mhla izinsizwa ziya ko shela
abafana beya ko senga
omame bekhwezela emaxhibeni
hamba nkanyezi uhambe nami
siwelele ngaphesheya
ngale kwezintaba
ngale kwemifula
ngale kwamalanga
ake ungithathe ungibeke
ngomhla kwa kusindwe ngobethole
amagula enamasi
amasimu ehlakuliwe
kusalotsholwa ngezoboya
mhla inyosi ihaya ezenkosi
kwa-Nongoma enhlalankosi

COMMENTS OF THE POEM
READ THIS POEM IN OTHER LANGUAGES
Close
Error Success