Mhlawumbe ngangikuthanda ngoba ngikukhumbule
Mhlawumbe ngangikukhumbule ngoba ngingakwazisisi
Mhlawumbe ngigijima nezihambi kanye nezi vakashi
Ngoba zona zifika maqede zedlule
Kungakaqhakazi ngisho nezimbali, futhi zingakabuni
Ukubamba kungu kubanjwa
Ngithanda lokho okungasobe kwaba ngokwami
Sengike ngayanga yonke inkanyezi egqamile
Sengike ngalala nenyanga ekhanyayo
Sengike ngasina nalo lonke usiba lotshani
Olukhula kuwo wonke amaqele aqhelile
Ngithande ulapho ukhona
Ngaleyondlela ngeke sahlukane
Izinkanyezi zivutha ngaphandle kwesici
Ngoba zona zivutha ziphezulu emazulwini
This poem has not been translated into any other language yet.
I would like to translate this poem